IMITHETHO yeCovid-19 elawula ukuhlangana kwabantu yamphoqa ukuthi aqhamuke nesu lokuthi adayise ukudla okuphekwayo bese kufakwa esiqandisini bese ekudayisa emasuphamakethe (frozen meals).
UNksz Thobile Dlani waseClermont owuChef nomsunguli wenkampani edayisa ukudla i-Sumthing Tasty, uthe ngo-2012 wayene- coffee shop kuyo edayisa nokudla.
Kulokho kudla, ukudla okwakuthengwa kakhulu kwakuyinyama yenhloko, ilamb curry, i-oxtail nebutter chicken. Kuthe uma esecabanga ukudayisa ukudla okuqandisiwe, wacabanga kona.
"Ngo-2020 izinto zazingahambi kahle, kuvulwa kuvalwa kuphinde kube nemithetho yokuqhelelana, ngapha irenti imba eqolo. Ngabona ukuthi ngeke ngisalunga kungcono ngicabange elinye isu.
“Emqondweni wami ibhizinisi eliye lifike kuqala kungelokudla ngoba ngiwu-chef. Ngiqale ngadayisa ukudla osekuphekiwe, umthengi akuthengayo kuthunyelwe ekhaya noma lapho ekhona, nakhona kwangahamba kahle ngoba ukudla bekungapheli.
“Ngabona ukuthi kumele ngithole indlela yokuthi ukudla kuhlale isikhathi eside. Ama-restaurants ayevalwa kodwa izitolo ezidayisa ukudla zona zazivuliwe ngabona kungcono ukuthi ngidayise ukudla okuphekwe kwase kuyaqandiswa.Umthengi afike ekhaya akufudumeze bese eyadla," kusho uNksz Dlani.
Uthe abantu abaningi abasebenzayo abanaso isikhathi sokuziphekela ukudla abasuke befisa ukukupheka, ibhizinisi lakhe liyisisombululo saleyo nkinga.
"Ibhizinisi kumele lisombulule inkinga ethile. Ngisombulula inkinga yabantu abangakwazi ukuziphekela ukudla abakuthandayo ngenxa yokuthi abanaso isikhathi. Inyama yenhloko idinga ukuthi ube nesikhathi, ngeke uyipheke uma uphuma emsebenzini," kusho yena.
Lokhu kudla kudayiswa e-Avondale Spar, Glenashely Spar, Blair Atholl Spar naseYellowwood Park Spar.
Uthe nakuba kuzwakala sengathi kulula, akunjalo ngoba ukudla osekuphekiwe uma uzokudayisa sekusesiqandisini kunendlela ethile okumele ukupholise ngayo. Kumele uqaphele izinga lokushisa ngaphambi kokuthi ukuvale.
"Ziningi izinto ezibhekwayo ezingamaphepha. Ngaba nenhlanhla yokuthi vele amaphepha afanele nginawo ngoba ngidayisa ukudla kodwa kwakudingeka ukuthi ngifunde ukugcinwa kokudla okuzongena esiqandisini.
“Kumele kuhlolwe ukuthi ngeke yini kugulise abantu. Isitolo naso ngaphambi kokukudayisa, siyakuhlola ukuthi kuphephile yini kube yima kudayiswa," kusho uNksz Dlani.
Muva nje inkampani kaNksz Dlani ikhethwe yaba ngezinye ezingu-20 ezihlomule ngoxhaso lwe- Hollywood Foundation, engabaxhasi beBambelela Awards, emqoke njengomunye wosomabhizinisi abayibambe ishisa ngezikhathi ezinzima.