INJINI ye-Orlando Pirates, uThalente Mbatha, igabe ngerekhodi laleli qembu lokuba yilona lodwa elingayazi induku kwasele kwiCaf Champions League kule sizini emdlalweni womlenze wesibili wowandulela owamanqamu nePyramids FC yase-Egypt ngoLwesihlanu eCairo.
IPirates iyeke ithuba lokuzibeka ebuhleni ngesikhathi ibambana ngo 0-0 nePyramids kowomlenze wokuqala ngoMgqibelo eFNB Stadium, eNasrec.
Nakuba uMbatha egabe ngaleli rekhodi kodwa iPirates kufanele igawule ibheke kowasekuhambeni kwazise ekhaya ilanyulelwe yi-Video Assistant Referee (VAR) amahlandla aze aba mabili.
Kuze kube yimanje iPirates ayiyazi induku kulo mqhudelwano ekubeni yayiseqoqweni okwakukhona kulona ne-Al Ahly yase-Egypt, okuyiyona evikela isicoco kule sizini.
UMbatha uvumile ukuthi bekufanele benze kangcono emdlalweni wasekhaya kodwa lokhu akusho ukuthi sekuphelile ngabo kulo mqhudelwano.
“Okungasisiza ukuthi sikwamukele ngokushesha ukuthi umdlalo womlenze wokuqala awuzange usivume yize siwatholile amathuba abezosibeka ebuhleni,” kusho uMbatha ngesikhathi ekhuluma nethimba lePirates labezindaba ngemuva komdlalo wangoMgqibelo.
“Ukwazi ukuthi yithina kuphela kwasele kwiChampions League esingayazi induku kule sizini nokuthi siyazi ukuthi sinawo amava okuya eCairo sibuye nomphumela oncomekayo, kufana nesikhuthazi kithina sonke.
“Ngiyazi ukuthi kubukeka sengathi umdlalo uvuna iPyramids njengoba kuzobe kuyiyona esisekhaya kowomlenze wesibili kodwa kulokhu ngeke ikwazi ukuvala emuva kuphela.
“Nabo bayalidinga igoli kulokhu ngakho-ke siyakwazi okufanele sikwenze. Sesikwenzile vele eCairo kule sizini (kowamaqoqo ne-Al Ahly), ngakho-ke angingabazi ukuthi singakuphinda.
“Sizethemba ngokwanele ukwazi ukuthi sinawo amava okuthola amagoli emdlalweni womlenze wesibili. Kufana nokuthi kusayiwe ekhefini ngakho-ke asikho isidingo sokutatazela,” kusho uMbatha sakusongela iPyramids.