“ISELULEKO engingasinika umuntu oqala ibhizinisi nosafuna ukuchuma kulona wukuthi angalindi amathuba ukuthi eze kuyena, kepha kube wuyena ozihluphayo ngokuthi aziyele mathupha lapho okune nto ezomsiza, azikhulumele ukuze afike lapho efisa khona.”
Usho kanje uNksz Siphelele Ngidi, onebhizinisi lemikhiqizo yokudla eselichumile eBhamshela, iMcimbi Trading, ecebisa osomabhizinisi abaseza emva kwakhe ukuba bazihluphe ngokufuna amathuba okuchumisa amabhizinisi abo, okuyinto naye athi imsize kakhulu ukumbeka lapho ekhona manje.
UNksz Ngidi waseNoordsberg, eBhamshela, kuMasipala waseNdwedwe, wenza umkhiqizo wemifino ehlukene enkampanini yakhe, osekuhambe kwaze kwafika ezingeni lapho esebenzisana khona nesitolo sokudla iBoxer iminyaka emibili.
Uphinde enze ne-chilli sauce iMcChille, aseke wayidayisela inkampani enkulu i-Port Natal.
Ngaphezu kwalokho, udayisa iwayini i-Emgard elitholakala kuSpar waseMdloti, futhi wenza nemisebenzi yokuhlanza amabhilidi ezinkampani ezehlukene, kubalwa namahhovisi eminyango kahulumeni kanjalo nezinkampani ezehlukene esifundazweni.
Yizinto ezinhle lezo futhi ezinkulu athi komunye umuntu kungabukeka sengathi kunzima ukuthi zifezeke, kepha kuyena uthi akubanga nzima ngenxa yokuthi ubengahlali dekle alinde amathuba eze kuyena.
Uveze ukuthi ubehlale ezihlupha ngezinto angazenza ukuze imikhiqizo idobe iso labantu abazomsiza lichume.
“Bengihlale ngingqongqoza eminyangweni ehlukene, ngingabi nandaba nokuthi kuba khona abangichithayo endleleni, kodwa intshisekelo enginayo ngebhizinisi yenze kwangaba lula ukudikibala. Bengiqhubeka noma isimo sinzima,” usho kanje.
Elandisa ngokuqala, uthe uliqale ngo-2012 esasebenza njengomabhalane ophikweni lwezomthetho kuMasipala weTheku.
Uthe kuthe ngo-2013, esebona ukuthi ibhizinisi lakhe liyachuma, wanquma ukusula emsebenzini ukuze agxile kulona.
“Manje sengiqashe abasebenzi abawu-14 abasebenza ngokugcwele nabawu-44 abayitoho. Ngaphandle kwalokho, sengibheke ukuthi inkampani yami ibe nesizinda sokukhiqiza iwayini ngakithi eNdwedwe, njengoba okwamanje sisalithenga eKapa bese siyalidayisa."
Uthe uhlelo lokudayisa iwayini sebeluqalile.
"Sibheke ukuthi lube seluphethiwe ekupheleni konyaka ozayo, futhi luzoba wusizo kakhulu njengoba luzokwakha amathuba omsebenzi angaphezu kuka-200 endaweni,” kusho uNksz Ngidi.