UKUKHULA ekhonze ukuba muhle, akhazimule ngemikhiqizo yezobuhle, kutshale uthando lwezobuhle kuNksz Zinhle Zulu, futhi kwenza wathola ithuba lokusebenza kwenye yezindawo zokucwala amakhanda ngakubo, ukusiza ukuzimela nokuziphilisa.
Yilokho okwamuweza ngelibanzi, wafunda ngokujulile ngalo msebenzi, okwenze waqala ibhizinisi lokudayisa izinwele zokufakelwa ngo-2015, esebenzisa ulwazi namava akuthola emsebenzini wakhe.
Isunguleke kanjalo iZithami Hair and Beauty, ibhizinisi lakhe lemikhiqizo yezobuhle eligxile kakhulu ekwenzeni imikhiqizo yezinwele, ngo-2019.
“Ngenkathi ngisadayisa izinwele zokufakelwa, bengiba nenkinga yamakhasimende abehlale engihlupha efuna imikhiqizo yokuthi izinwele zawo zithambe futhi zingasheshi ukuguga, kodwa ngingakwazi ukuwasiza ngoba ngaleso sikhathi ngangingakwazi ukuyenza ngokwami.
“Nokho lokho kwenza ngabona intuba yokuqala ibhizinisi, ngazifundisa ukuyenza, lase lithuthuka kanjalo ibhizinisi lami, njengoba manje selinemikhiqizo ewu-12 yezinwele, elungele abantu abadala nabancane,” kusho yena.
Eqhuba, uNksz Zulu (34) waseMandeni, enyakatho yeKwaZulu-Natal, uthe akazisoli ngo-R700 awusebenzisa ukuqala ibhizinisi lakhe njengoba seliqala ukuthela izithelo ngokumdobela abantu baseWestern Cape, Eastern Cape naseGauteng abamthintayo, bathenge imikhiqizo yakhe eyahlukene.
“Ngaphezu kwalokho senginamakhasimende akwamanye amazwe ko-South Arabia, Mozambique naseChina imbala. Lokho kuwubufakazi bokuthi ukusebenzisa izinkundla zokuxhumana kahle, nokuthi kuyasiza ukuthi uhambisane nesikhathi nento efunwa ngabantu.”
Uthe nakuba ibhizinisi lilokhu likhule njalo, kodwa kuseyinselelo ukungakwazi ukulimaketha ngendlela afisa ngayo ebantwini, nokuthi abanye abantu abazazi kahle izinto zobuchwepheshe, okwenza bakholelwe emikhiqizweni abayaziyo nabayijwayele.
Ubiza kusuka ku-R50 kuya ku-R185 ngokwehlukana kwemikhiqizo yakhe, kanti ebhizinisini usebenzisana nabantu abawu-20 abamsiza ukusabalalisa imikhiqizo yakhe, nabane kubalwa nendodakazi yakhe uThami aqambe ibhizinisi ngayo, ukumsiza ngokuthaka imikhiqizo yebhizinisi lakhe nsuku zonke.
“Isifiso sami esikhulu manje wukugcina nginendawo enkulu yokusebenzela, ngikhiqize futhi ngithake nemikhiqizo yabanye abantu, ngakhe ikusasa lezingane zami,” kusho uNksz Zulu.