NGOKUJWAYELEKILE bekuthi uma kukhulunywa ngesifo senhliziyo, abantu bacabange futhi basibuke ngokuthi yisifo esihlasela ngokuthi ube nobuhlungu obungabekezeleki esifubeni okuze kuphoqe ukuthi okumhaqile aphuthunyiswe esibhedlela ukuze asizakale.
Nokho isikhulu sesikhungo sezempilo esizimele i-Affinity Health uMnuz Murray Hewlett sicebise ngokuthi akusona sonke isikhathi nezimo lapho lesi sifo siziveza kalula khona, njengoba sekuke kwenzeke ukuthi sikuhaqe buthule phecelezi i-silent heart attack, okungaze kufinyelele lapho usiqaphela sesihambe kakhulu egazini, umonakalo usumkhulu kakhulu.
“Ucwaningo olwenziwe ngabeMedical News Today luthole ukuthi umuntu ohaqwe yilesi sifo ngale ndlela usemathubeni awu-35% okuba nenkinga yokuthi inhliziyo yakhe ingasebenzi ukwedlula umuntu oseke waphathwa yisifo senhliziyo phambilini. Bathole nokuthi abantu abaneminyaka eko-50 nabangaphansi kwalokho yibona abasengozini kakhulu,” kusho uHewlett.
Nokho ucebise ngokuthi kukhona abantu abangakuqaphela ukuze basheshe babone ingozi kusenesikhathi. Okunye kwakho yilokhu okulandelayo:
- Ukuhlale ukhathele ngisho kungekho okukukhathazile: Ukuzizwa ukhathele ngisho ukade uphumule futhi ulale ngokwanele kungaba yinto ejwayelekile kwabanye abantu, kepha futhi kungaba yizimpawu zokuthi usunyonyobelwa yilesi sifo, ikakhulu kubantu besifazane. Lokho kwenzeka uma kukhinyabezeka ukuphampeka kwegazi enhlizweni yakho, okuphoqa umzimba wakho ukuthi uphushele igazi kwezinye izingxenye zomzimba wakho, okushiya inhliziyo yakho yomile nkwe. Ngenye yezinto okumele uyiqaphele lena ukuze ugweme umonakalo kusenesikhathi.
- Wukungakhululeki esifubeni nakwesingenhla emzimbeni: Nakuba ubuhlungu esifubeni kwaziwa ngokuthi wuphawu lwesifo senhliziyo esijwayelekile kodwa naso lesi esihlasela buthule singaziveza kanjalo. Lokhu ungakuqaphela ngokuthi uzizwe ucindezelekile esifubeni kube sengathi kuminyene - kangangokuthi kwesinye isikhathi ungaba nenkinga yokuqunjelwa. Ngakho kumqoka ukuqaphela izimpawu ezinjena zokuthi uzwe ucindezelekile esifubeni, emhlane, emahlombe, noma ezingalweni; ungazibi ngoba nakhu ubona sekuthule mbijana.
- Ukunqanyukelwa wumoya: Ngabe unenkinga yokuvele unqanyukelwe wumoya noma wenza into engenzima nokungamele ukuthi ikukhathaze kangako? Lokho kungaba wuphawu lwalesi sifo ikakhulu uma kuvele kwenzeke nje ingekho ne nto etheni oyenzayo, ngakho sukumela phezulu uma uvele unqanyukelwa wumoya ube uzicambalalele, noma uzwa ubuhlungu esifubeni nasemphinjeni.
- Isicanucanu, ukujuluka nokuphathwa yisiyezi: Lezi zimpawu abantu abaningi bavame ukucabanga ukuthi zisuke zichaza ukuthi kunenkinga esiswini, noma mhlawumbe kwenziwa wukukhathala nokungaphuzi amanzi ngokwanele kuphela, kanti cha - akunjalo! Kwesinye isikhathi kusuke kubikezela sona lesi sifo.
Yini okumele uyenze uma uqaphela lezi zimpawu emzimbeni wakho?
Uma uqaphela lezi zimpawu futhi ubona ukuthi azimi, zilokhu ziqhubeke njalo - thola usizo lwezempilo ngokushesha, uma kwenzeka kukuxina uwedwa - shayela abosizo oluphuthumayo, bese uzama ukwehlisa umoya lapho usalinde usizo ukuze ugweme ukuthi ukwethuka kakhulu kwandise umonakalo.
Ukugwema kanjani ukuhaqwa yilesi sifo nezinye ezifuze sona?
- Lokho ungakwenza ngokuthi uhlale uhlola umfutho wegazi, i-cholesterol, nokubheka ukuthi igazi lisahamba emithanjeni yalo yomzimba ngendlela efanele yini, bese uhlolwa nesifo sikashukela njalo.
- Okunye okungakusiza wukukhuthalela ukuzivocavoca okungenani imizuzu ewu-30 njalo ngezinsuku oqoka ukuzivocavoca ngazo.
- Gxila ekudleni okunempilo okubalwa kukhona izithelo, imifino nokudla okungenawo amafutha.
- Gwema ukubhema ugwayi ngoba ukubhema kulimaza imithambo yegazi, bese kwandisa amathuba okuphathwa yisifo senhliziyo.
- Gwema ukhwantalala ngoba ukuhlale ukhathazekile futhi ungakhululekile emoyeni kungandisa amathuba okuhaqwa yilesi sifo.