Umbuzo:
MAGUMEDE nakhu nginenkinga la. Ngisebenza ekhishini kodwa ngigajwe yinkinga yokuhalela umqashi wami.
Le ndoda ishadelwe futhi bawumndeni nengane yabo eyodwa. Inkinga ngiyamthanda MaGumede umqashi wami. Ngifisa sengathi ngabe yimi oshade naye ngiphile kamnandi njengalo sisi (umkakhe) kwazise futhi ngimuhle kunaye, ukuthi yena ufundile.
Ngicabanga ukudlisa umqashi ukuze bahlukane kodwa enye inhliziyo ithi angidlise usisi ushevu afe ukuze ngizongena kahle.
Angikwazi ukungayitholi le ndoda. Imnandi impilo ephilwa kuloya muzi. Ngicela ningibonise ngenzenjani?
Bangiphethe kahle impela futhi nosisi uyangithanda ngoba neholo lihle kodwa indoda yakhe ifanele mina.
Impendulo:
Hhawu dadewethu! Cha impela ngishaya izandla! Imicabango yakho mibi okwangempela! Angikwahluleli kodwa nawe uma usubuyelwa wunembeza, uyayizwa kahle le nto oyishoyo ukuthi inobuSathane. Kungakuhle uzifundise ukungabi nomona, ukwazi ukujabulela omunye umuntu ngaphandle kokufuna ukuthi okuhle kwakhe kuze kuwena. Kumele ukwazi ukwamukele isimo sakho sinjengoba sinjalo. Angithi uyasho nokuthi bayakuthanda futhi bakuphethe kahle? Manje ikuphi inkinga yakho? Kuyafana noma ungakwenza okubi kubona, uma kuwuthi le mpilo yayingadalelwe wena, ngeke uyiphile. Kunalokho uzovele ubanjwe uboshwe ebese uphelelwa isinkwa ngoba ucabanga kancane. Uma ungakwazi ukubuka usisi ephila kamnandi nomndeni wakhe, kungcono uyeke ukusebenza, uhambe ubashiye ngokuthula bazomthola ozoba neqiniso. Engathi uNkulunkulu angabuyisa ubuntu kuwena uqobo!