“UMSEBENZI esiwenzayo muhle ngokuthi ugqugquzela ukunakekela amehlo okusiza ukugwema izinkinga ezeyamene nalokho. Ezivame ukuvela kwabanye abantu umonakalo usumkhulu ngokweqile futhi sekungaselula ukuwulungisa ngokushesha.”
Usho kanjalo uNksz Nomthandazo Sibiya, ngenkathi elandisa ngomsebenzi abawenza e-Optomly, inkampani yakhe eyenza imisebenzi yezamehlo eqale nyakenye. Isiza ngokuhlola bese yelapha abantu abanezinkinga futhi idayise nemikhiqizo ebasiza ekutheni bazelaphe.
UNksz Sibiya, waseMbongolwane, eShowe, enyakatho yeKwaZulu-Natal, osezinze eThekwini ngomsebenzi webhizinisi, uthe enye yezinto ezamdobela kulo msebenzi wukuthi ungumuntu okhonze ukusiza abantu. Kwathi ngokusebenza ezinkampanini ezehlukene ezenza lo msebenzi, wabona ukuthi baningi abantu abanezinkinga ezahlukene emehlweni.
“Thina sikhonela lokho ukuthi sibe wusizo sihlole abantu abanenkinga yamehlo nabangenankinga nje ukusiza ukuqinisekisa ukuthi kusahamba kahle yini emehlweni abo. Kuthi labo esithola ukuthi banenkinga ethile - sibasize ngokuthi sibacebise ngohlobo lwezibuko ezilungele amehlo abo nesilinganiso senkinga esuke isemehlweni abo. Okunye futhi esingenisa imali ngakho wukuhlola amehlo kwabasuke benza izincwadi zokushayela, nabasuke beqeqeshelwa ukusebenza emikhunjini,” usho kanje.
Eqhuba, uthe esaqala leli bhizinisi, asebenzisana nesisebenzi esisodwa okwamanje, ubenenselelo yokungakwazi ukufinyelelisa umsebenzi wakhe ngendlela efanele ebantwini. Uthi bekuthi uma kungena imali, iphele yonke ezindlekweni zebhizinisi. Uthe umkhiqizo wabo nemisebenzi abayenzayo kuqala kuR50 kuya kuR8 000.
Uthe: “Nokho ngigcine ngifunda ukuthi kwenziwa kanjani ukuthi inzuzo esiyenzayo ingapheli yonke.Sakwazi nokusebenzisa izinkundla zokuxhumana ukudoba amakhasimende amaningi athanda umsebenzi wethu, kangangokuthi sekukhona ngisho abahlala kwezinye izifundazwe okuthi uma beseThekwini, badlule kithina ngoba bethanda umsebenzi wethu.”
Mayelana nezinhlelo zangomuso, le ntokazi ithe izibekele umgomo wokusebenzisa leminyaka emithathu kuya kwemihlanu ezayo ukuzinzisa i-Optomly, bese inabela nakwezinye izindawo uma inkampani yayo ichume ngokwanele ukuba namanye amagatsha.
UNksz Sibiya uphothule u-matric eGqokinsimbi Technical High ngo-2014, wenza i-Bachelor of Optometry eNyuvesi iKwaZulu-Natal, ophikweni lwaseWestville, wayiphothula ngo-2018. Usebenze ezinkampanini ezahlukene eGqeberha, naseGoli, andukuba afudukele eThekwini, esezoqala ibhizinisi lakhe lezamehlo.