Page lead
'INHLOSO yethu wukuqhubeka sitshale uthando lwezesayensi ebantwini ikakhulu ezinganeni ezifunda ezikoleni zasemakhaya ngoba sinenkolelo yokuthi ulwazi lwesayensi lungenye yezinto ezingasiza abantu ukuthi baqhamuke namasu okuxazulula izinkinga ezehlukene esibhekene nazo emphakathini, ezidinga ulwazi nobuchule.'
Usho kanje uNksz Bathabile Mpofu ongumnikazi webhizinisi lwemikhiqizo yesayensi, iNkazimulo Applied Sciences, adle umhlanganiso ngalo kumaBambelela Business Awards, abenziwe yiHollywood Foundation eGreyville Convention Centre, eThekwini, ngesonto eledlule.
Ngokuhlabana kulo mncintiswano obuhlanganise osomabhizinisi baKwaZulu-Natal abawu-126, uNksz Mpofu wasoLundi enyakatho yesifundazwe kodwa osezinze ePinetown, entshonalanga yeTheku, ukhale wemuka nomklomelo ka-R130 000 wokumxhasa kunoma yini ayidingela ukufukula ibhizinisi lakhe kubhekwe phambili.
“Lokhu kuyinto enkulu kakhulu kimina futhi ngibona kuzongisiza ukufukula ibhizinisi lami kusukela manje kuya phambili, okwakuvele kuyinhloso yami kwasekuqaleni ngoba ngiyazi ukuthi iHollywood Foundation inamandla angakanani okufukula amabhizinisi, engibona kuzolisiza kakhulu ibhizinisi lami ukufinyelela ebantwini abaningi,” kusho uNksz Mpofu.
Eqhuba, uthe kuyamkhathaza ukuthi abantu basaqhubeka bawubukela kude umkhakha wezesayensi, ikakhulu abasezindaweni zasemakhaya ezintula ulwazi - okungenye yezinto leyo eyenza waze wanquma ukuqala leli bhizinisi ukuzama ukuvala igebe elikhona.
“Namanje sizoqhubeka lapho sithuthukise abantu bakithi ngalolu lwazi esikholwa wukuthi lusemqoka kakhulu ngoba phela isayensi ifundisa ngezemvelo ukuthi zisebenza kanjani, okusiza ukuthi umuntu oziqonda ngokugcwele nangokuphelele akwazi ukusebenzisa ulwazi analo ngazo ukuxazulula izinkinga ezehlukene emphakathini. Yinto leyo esifuna ukuthi abantu basezindaweni zasemakhaya nasemalokishini bazenze, kungagcini ngokuthi zenziwe ngabafunde ezikoleni zasemadolobheni nezizimele kuphela,” usho kanje.
UNksz Mpofu uneziqu ze-Bachelor of Science in Chemistry eNyuvesi yaKwaZulu-Natal ne-Honours yakhona akuphothula ngo-2002 nango-2010, ngokwehlukana kwakho, bese kuba yiMasters in Business Administration yaseNyuvesi yaseKapa.
Ngaphambi kokuqala ibhizinisi, usebenze isikhathi eside khona e-UKZN nakwenye yezinkampani ezixhasa osomabhizinisi abafuna agxile kwezesayenzi, esizwa iyona ngo-R50 000 aqala ibhizinsi lakhe ngawo. Enkampanini yakhe usebenzisana nabasebenzi abahlanu, abenza futhi badayise imikhiqizo eyahlukene yezesayensi ezikoleni ezahlukene eKZN.