IZINYUNYANA zisola inkampani ekhiqiza izimoto, iMercedes Benz South Africa (MBSA), ngokuthanda kakhulu imali kunempilo yabantu bakuleli emuva kokuthi le nkampani imemezele ukuthi izodiliza abantu abawu-702 efemini yayo ese-East London.
IMBSA ikhale ngomnotho ongakhuli kahle emhlabeni jikelele nezinkinga zamachweba aseNingizimu Afrika njengezinto eziholele ekutheni ithathe lesi sinqumo.
Ithe esikhundleni sokuthi abasebenzi bangene amashifu amathathu, sebezongena amabili.
UNobhala-Jikelele weNational Union of Metalworkers of South Africa (Numsa), uMnuz Irvin Jim, uthe bashaqekile ngesikhathi bethola incwadi ebazisa ukuthi iMBSA ihlela ukudiliza abasebenzi abawu-702 okukhona kubo ama-artisan awu-67, izinduna (23) nabasebenzi abangena amashifu (612).
“Sishaqekile ukuthi iMBSA ebike ukuthi yenze inzuzo isifuna ukudiliza abantu. Yisimo esibi lesi ngoba le nkampani iqashe abantu abawu-3 396 iningi labo elise-Eastern Cape. Uma bedilizwa kusho ukuthi siyanda isibalo sabangasebenzi ezweni vele elinenqwaba yabantu abaswele umsebenzi. Sifuna kube nomhlangano maduze ukuze sibeke imibono ezosiza ukuhlenga imisebenzi, sizokwenza konke okusemandleni ukuhlenga imisebenzi yabantu,” kusho uJim.
Esitatimendeni esithunyelwe kwabezindaba, umfelandawonye wezinyunyana, iCosatu, ubabaze umhobholo weMBSA oyisole ngokubeka inzuzo phambili.
“IMBSA ibike ukuthi ngonyaka odlule yenze inzuzo kaR4,447 billion kodwa manje isidiliza abantu. Ikhala ngokuthi umsebenzi wayo wehle ngo-25% kwikota yokuqala yonyaka. Akufanele badilize abasebenzi ngenxa yekota yokuqala embi ngoba basanda kwenza izizumbulu. Kuyacaca ukuthi le nkampani ibeka phambili imali kunempilo yabasebenzi,” kusho iCosatu esitatimendeni.
Ithe ziyenzeka izinguquko emachwepheni akuleli ngakho iMBSA kufanele ilinde.
UNobhala-Jikelele weSouth African Federation of Trade Unions (Saftu), uMnuz Zwelinzima Vavi, naye uthe iMBSA inomhobholo ngoba inzuzo yayo ibiwu-R4.4 billion ngonyaka odlule isuka kuR3.2 billion ngo-2022 kodwa manje isidiliza abantu.
“IMBSA iziphathisa okwabanye ongxiwankulu ngoba iyayenza inzuzo yize zikhona izingqinamba kwezomnotho nasemachwebeni. Ifuna ukonga izindodla zemali ngokwehlisa amashifu bese ilahlela abasebenzi phandle. Siyazigxeka zonke izinkampani ezidiliza abasebenzi ngoba iNingizimu Afrika inabantu abawu-12.1 million abangasebenzi. Kufanele zonke izinyunyana zihlangane ukulwa nalo mkhuba,” kusho uVavi.
Uthe uhulumeni kufanele ayilungise inkinga yamachweba neSouth African Reserve Bank (Sarb) yehlise imali mboleko ngoba abantu bakuleli bathwele kanzima.