ISuzuki Swift iketule iToyota Hilux njengemoto edayise kakhulu ukuzedlula zonke eNingizimu Afrika ngoJanuwari.
Sekuwumlando ukuthi iHilux ihlale isesicongweni zinyanga zonke uma i-naamsa ikhipha izibalo zokudayiswa kwezimoto ezintsha.
Izibalo ziveze ukuthi kuthengwe amaSwift angu-2 628. IHilux ilandele isibili ngo-2 556 bese kuba yiVolkswagen Polo ngo-2 549 endaweni yesthathu.
Sezizonke izimoto ezidayiswe yiSuzuki zibe ngu-6 399 okuyisibalo esiphezulu kwesake sadayiswa yile nkampani ngenyanga eyodwa phambilini.
Yedlule esangoNovemba nyakenye ngo-370.
Ezingu-4 534 kwezingu-6 399 ezidayiswe ngoJanuwari zithengwe emagaraji kuthi ezingu-1 865 zathengwa yizinkampani eziqashisa ngezimoto nohulumeni.
Ezinye izimoto zale nkampani ezidayise kakhulu kube yiFronx (771) ne-Ertiga (637).
Isikhulu sezokumaketha kwaSuzuki Auto South Africa, uMnuz Henno Havenga, sithe bayathobeka ngale miphumela futhi bayajabula ngendlela abantu abayamukele ngayo iSwift entsha.
ISwift entsha, efike ngasekupheleni konyaka odlule, ingenye yezimoto ezisembangweni wokuba yi-2025 South African Car of the Year.