KUSOLWA ukucishwa kukagesi okwenziwa yi-Eskom nenkinga yokuthuthwa kwempahla okube yimbangela yokwehla kokuthengwa kwezimoto eNingizimu Afrika ngoNovemba, okube yinyanga yesine kulandelana.
I-Naamsa ithe inkinga ekhona njengamanje emachwebeni akuleli ethinta izitimela, inomthelela omubi embonini yakuleli.
Isikhulu se-Naamsa, uMikel Mabasa, sithe lezi zingqinamba zizoshaya yonke imboni. Uthe ukushoda kwamaphathi nama-semi-conductor emazweni omhlaba kuya kungokulunga, inkinga eseTransnet yiyo ebeka imboni engcupheni, uma ingalungiswa ngokushesha.
“Imininingwane yangoNovemba iveza ukuthi kwehle inyanga yesine kulandelana ukuthengwa kwezimoto ezintsha, okudalwe wukubuya kwesigaba sesithupha sokucishwa kukagesi nokuphazamiseka kweTransnet,” kusho uMabasa.
Isikhulu seFord Motor Company Africa, uNeale Hill, sisanda kutshela abezindaba ukuthi lezi zinkinga zizodala umonakalo omkhulu ngoba izinkampani zizolokhu zihoxisa kancane kancane ukutshala imali kuleli.
Uthe imikhumbi ivaleleke echwebeni, okwenza basebenzise izindiza ukuletha amaphathi, okuyinto ebizayo.
Muva nje iJac Motors ihoxise umcimbi wokwethulwa kweveni iT9, ikhala ngokuthi asuke eShanghai ngoSepthemba 27, kulindeleke ukuthi afike kuleli ngemuva kwamasonto amane. Izinkinga echwebeni laseThekwini zenze isikhathi sokuthi ifike sihlehle.
Ngokwe-Naamsa, zibe ngu-45 075 izimoto ezidayisiwe ngoNovemba. Isibalo sezidayiswe ngaphandle sikhuphuke ngo-25.5% zaba ngu-41 660 ekubeni ngoNovemba nyakenye zazingu-33 207.
Ngokwezibalo ezishicilelwe kwi-IOL nazi izimoto ezingu-20 ezithengwe kakhulu:
•1. Toyota Hilux - 3,073
•2. Ford Ranger - 2,234
•3. Volkswagen Polo Vivo - 1,913
•4. Toyota Corolla Cross - 1,766
•5. Isuzu D-Max - 1,662
•6. Toyota Hi-Ace - 1,501
•7. Toyota Starlet - 1,176
•8. Nissan NP200 - 1,152
•9. Suzuki Swift - 1,117
•10. Nissan Magnite - 997
•11. Chery Tiggo 4 Pro - 986
•12. Hyundai Grand i10 - 965
•13. Volkswagen Polo - 930
•14. Toyota Vitz - 855
•15. Toyota Fortuner - 689
•16. Kia Sonet - 675
•17. Haval H6 - 654
•18. Mahindra Scorpio Pik-Up - 606
•19. Renault Kwid - 589
•20. Toyota Corolla Quest - 582