IMOTO: NISSAN NAVARA PRO-4X WORRIOR
I-NISSAN iqinise isikimu sayo samaNavara ngokwethula “ibutho” layo lasentabeni iPRO-4X Warrior. Le Navara yakhiwe ngokubambisana nenkampani yonjiniyela yase-Australia.
Isikhulu sakwaNissan South Africa, uMaciej Klenkiewicz, uthe luyaziwa uthando lwamaveni eNingizimu Afrika ngoba ayizimoto ezikahle ukuhamba noma ikuphi kusuka obhuqwini, ukuthatha indlela ende noma ukuzishayelwa wumoya edolobheni.
Isikhulu sakwaPremccar, uBernie Quinn, sithe bayihlolisisile iWarrior ukwenza isiqiniseko sokuthi imelana nanoma yisiphi isimo sakuleli.
“Sihambe izinkulungwane zamakhilomitha ezimweni ezahlukene. IWarrior ihlolelwe enkundleni yejubane, umsindo nasezinkundleni zokuqwala izintaba. Siyihlole odakeni, esihlabathini futhi noma yikuphi lapho oyifaka khona imelana nakho kalula,” kusho uQuinn.
IWarrior inenjini ekhona kumaNavara engu-2.5 litre kadizili enamandla angu-140kW ne-torque engu-450Nm. Idonsa ngo-gearbox oyi-7 speed automatic ofaka amandla kuwo wonke amasondo.
Ithangi likadizili lingu-80 litres.
Abakwenzile wukuthuthukisa i-suspension eyenze nokuphakama kwayo kwathi xaxa kunePRO-4X ejwayelekile yona eshiye igabade ngo-221mm. Lena ilishiye ngo-232mm abathi kwenza kube lula ifohle noma yikuphi. Baphinde bayenza yaba banzi, base beyifaka amathayi i LT 275/65/R17 MAXXIS RAZR all-terrain tyres.
Ngaphandle yehluke nge-grille emnyama ngaphambili, yizibambo zezicabha, roof rack, izitebhisi emacceleni,a amasondo bese iba nomphico obomvu.
Ngaphakathi inezihlalo ezimnyama ezinezitishi ezibomvu, 8-inch touchscreen infotainment system oxhuma kuyo iselula nge-Apple CarPlay/Android Auto ne dual-zone climate control.
Baphinde bayifaka nezinsiza zomshayeli nezokuphepha ezihlanganisa ukuthi isho uma izoshayisa ngaphambili, ixwayise uma iphuma emzileni, amakhamera aveza lonke ingaphandle nokunye.
Intengo:
Navara PRO-4X Warrior - R924 000
Ifika ne-warranty yeminyaka eyisithupha no-150 000km.