Inkampani ekhiqiza izimoto iBMW Group igubha iminyaka engu-50 yavula ifemu iPlant Rosslyn, ePitoli, ngesimemezelo sokuthi izotshala uR4.2 billion kuyo kule minyaka emihlanu ezayo njengoba izokhiqiza inhlobo entsha yeX3.
IPlant Rosslyn yaba yifemu yokuqala yakwaBMW ngaphandle kwaseGermany futhi isikhiqize izimoto okubalwa kuzo i-3 Series kwaze kwaba ngu-2018. Njengamanje ikhiqiza iX3 edayisa kuleli nakwamanye amazwe .
UDkt Milan Nedeljković oyilungu leBhodi labaPhathi bakwaBMW AG ophikweni lokuKhiqiza ophinde abe nguSihlalo weBhodi lakwaBMW Grouo South Africa uthe kusuka ngonyaka ozayo bazokwakha iBMW X3 plug-in hybrid bese beyidayisa kwamanye amazwe.
Le nkampani ithe lokhu kukhombisa ukuzinikela kweBMW Group eNingizimu Afrika kanjalo nokusindisa imisebenzi yabantu abangaphezu kuka-20 000 abahola ngokuba khona kwale nkampani.
Umqondisi wefemu uDkt Niklas Fichtmüller nguye obhekene nomsebenzi wokuthi ifemu liwulungele lo msebenzi.
“IBMW Group South Africa izigqaja ngokwakha imiphakathi, amathuba nezisombululo. Ngaphezu kwalokho sizimisele ngoshintsho nokuthuthukisa amakhono ngokuqeqesha bonke abasefemini ukulungiselela le moto entsha.”
Zingaphezu kuka-1.6 million izimoto ezikhiqizwe eRosslyn zayiswa emazweni angaphezu kuka-40 emhlabeni jikelele okukhona kuwo nangu-14 e-Afrika.
IBMW Group iphinde yamemezela ukuthi izonikela ngoR30 million esikhwameni i- United Nations Children’s Fund (UNICEF). Bazoqala uhlelo okuhloswe ngalo ukufundisa izingane ezifunda ezikoleni zamabanga aphansi naphakeme ngobuchwepheshe, iSayensi, ezobunjiniyela, ubuciko neMathematics.