UKUHLALA isikhathi eside bengawutholi umsebenzi kufane nesibusiso emaweleni amathathu akwa-K eMlaza, eningizimu yeTheku, okuthe ngokubona ukuthi impilo imi ndawonye, azihlupha ngokuthekela ulwazi lokuthi angenzenjani ukuze aphile.
Uchume lapho umcabango webhizinisi koNksz Nokwazi (28), Nokukhanya (28) noNontokozo (28) Mavundla, abasungule i-Touch N Glow Cleaning Services, ibhizinisi eligxile emsebenzini wokuhlanza izindawo ezahlukene okungaba yisemizini yabantu uma umuntu egudluza noma efaka impahla entsha, yisemicimbini nasezinkampanini ezehlukene.
Exoxa neSolezwe ngaleli bhizinisi uNokwazi, uthe baze bafika lapho bekhona nje vele bakhulele emndenini ogxile kwezamabhizinisi njengoba umkhulu wabo, uyise nobabekazi wabo babegxile kwezemfashini, bethunga izimpahla ezahlukene.
“Lokho kwenza nathi sakuthanda futhi sakufisa ukuba nebhizinisi yize ngaleso sikhathi besingenalwazi lokuthi singenza hlobo luni, okuthe sesinenkinga yokungawutholi umsebenzi saqala sacwaninga ngamabhizinisi ehlukene esingangena kuwona - savumelana ngaleli lokuhlanza ngoba sibona ukuthi kunamathuba okuchuma kulona,” kusho uNokwazi.
Eqhuba, uthe beqala leli bhizinisi ngo-2022, babengenalo ulwazi oluphelele nolunzulu lokuthi ibhizinisi liphathwa kanjani, okwenza baba nenkinga yokungazinzi kahle - obekwenza bangayiboni inzuzo abayenzayo.
“Nokuthi besisaqala bekuba nzima ukufinyelela kwezinye izindawo ezikude ngoba singenayo into yokuhamba sifike ngokushesha lapho esifuna ukuya khona. Ngokuqhubeka kwesikhathi safunda ukuphatha imali ukuze singalimali ezindlekweni zansuku zonke,” usho kanje.
Uthe okunye okubasizile futhi wukuthi uNokukhanya, wathola ithuba lokucijwa ohlelweni lweNational Youth Development Agency, lapho ethole khona ulwazi lokuphatha ibhizinisi nokulikhulisa, futhi bahlomula nangosizo lokulekelela ebhizinisini labo.
Uveze ukuthi bathengelwa imishini yokusebenza ezosiza ukuphuthumisa umsebenzi wathi sebenamakhasimende koMlaza, KwaMashu, Kloof naseYellowood Park.
“Into esiziza kakhulu ukuchuma nokukhulisa ibhizinisi lethu wukubambisana nokubeka amakhasimende ethu phambili kukhona konke esikwenzayo. Ngesikhathi siqala sazinika isikhathi esanele sibheka ukuthi izimbangi zethu zenza kanjani, kubalwa nendlela esibiza ngayo ukuze sehluke futhi sikwazi nokudoba amakhasimende amaningi."
Uthe babiza kusuka kuR600 kuya kuR1 000 ngokwehlukana kwemisebenzi abayenzayo, kuncike ekutheni ungakanani umsebenzi wekhasimende odinga ukwenziwa ngaleso sikhathi.
“Okwamanje sibheke ukuthi siqhubeke nokukhulisa ibhizinisi libe nenqwaba yamakhasimende esifundazweni sonke. Sihlose nokuthola imisebenzi emikhulu yokuhlanza izakhiwo ezinkulu ezingaba yizindawo ezihlala izitshudeni, namahhovisi ezinkampani ezahlukene ezizimele nakuhulumeni.”