UKUDLA izicoficofi okungaba ukudla ukudla okunoshukela omningi, inyama ebomvu, utshwala, ukudla okugayiwe, okufakwe ama-artificial sweetners kungaholela ekutheni ube nempadla.
Odokotela bathi lokhu kudla kudala ukuthi amagciwane amahle atholakala emathunjini agaya ukudla angakwazi ukwenza umsebenzi wawo.
Ama-bacteria amahle, asemathunjini, athembele kuma-microbial enzyme ukuze agaye ukudla, akhiqize izakhi ezingase zisetshenziswe umzimba. Akhipha u-Vitamin K, B12, B3, ifolic acid ne-biotin okubalulekile emgqigqweni wokukhula wezinwele nokuhluma kwazo uma kukhona eziphumile.
UDkt Madhulika Mhatre, owudokotela wesikhumba obuye abe nenkundla yokweluleka abantu ngezifo ezithinta isikhumba iVagueworld, uthe : "Ngaphandle kokuhlanganisa imisoco, amathumbu aphinde ahlanganise amavithamini abalulekile alawule amasosha omzimba, ayingxenye ebalulekile yokukhula kwezinwele nokondleka kwazo,”
Uthe i-gut microbiome okungama-bacteria amahle, aphinde akhiqize ama-homoni alawula izindlala emzimbeni. Azitshele ukuthi ingakanani ihomoni ngayinye okufanele idedelwe futhi iye kuyiphi ingxenye yomzimba.
“ I-gut microbiota ilawula noma ithinta cishe wonke amahomoni emzimbeni, okuhlanganisa i-estrogen, amahomoni egilo kanye ne-melatonin. "I-gut Flora ingalawula amahomoni alawula ukuguquka phakathi kwezigaba ezintathu zokukhula kwezinwele: i-anagen (ukuvuselelwa/ukukhula), i-catagen (ukonakala), ne-telogen (ukuphumula). I-Estrogen inyusa isikhathi izinwele ezisichitha esigabeni i--anagen. Ngakho uma i-estrogen yehla izinwele zilahlekelwa ukuvikeleka okudala ukuthi ziqothuke,” kusho uDkt Mhatre.
UDkt Tamlyn Govender oyi-Ayurvedic practitioner ekhipha izeluleko enkundleni yezokuxhumana i-Instagram , uthe, enye yezinto ezidala ukuthi umuntu alahlekelwe izinwele, izifo zengqondo kanye nemithi yokwelapha lesi sifo.
" Amatiye aziwa ngama-herbal tea, okuyi-Chamomile, ilavender ne-mint angasiza ekutheni umuntu ehlise umoya angabi nengcindezi,“ kusho uDkt Govender.
Bathe ukudla okusiza ekutheni izinwele zihlume yimifino, i-broccoli, ubhatata, ithanga, u-garlic, i-cauliflower, ispinach, ukherothi, i-asparagus, no-pepper.
Izithelo: ezisawolintshi, ama-cherries, ama-aphula, amajikijolo, amapetshisi, amapheya , uphayinaphu namagilebhisi.
Amafutha anempilo : okuyi-olive oil, ukotapheya , amakinati, amafutha amakinati, ne-coconut oil .
Okusanhlamvu: i-brown rice, i-oats, i-quinoa, ipasta, i-barley
Ama-legumes: i-chickpeas, ama-lentils, ubhontshisi omnyama.
Ama-Protein: Okusanhlanzi , amaqanda, inkukhu, ikalikuni, nenyama yenkomo
Ama-spice nama-herbs: i-rosemary, turmeric,basil, sage, cinnamon ne-ginger