KUNOKULANGAZELA ukwazi ukuthi insangu yelapha ziphi izifo njengoba iningi belazi ukuthi lesi sihlahla sidume ngokuthi siyabhenywa futhi bekungavumelekile ukutshalwa kwaso kuleli.
UDkt Carmen James osebebenzela eHillcrest ongomunye wodokotela abanemvume yokunikeza iziguli zabo imithi ethakwe ngensangu etshalelwe izidingo zezempilo, iCannabis, obengomunye wodokotela abebechaza ukuthi insangu yelapha kanjani embukisweni wemikhiqizo eyenziwe ngensangu , iCannabis Expo, uthe isifo esihamba phambili ekwelashweni kusetshenziswa insangu, izinhlungu ngokuhlukana kwazo, nokhwantalala.
"Izinhlungu thina bodokotela siye sizihlukanise ukuze sinikeze isiguli umuthi ozosiziza ukuze selapheke. Udokotela ogunyaziwe uyakwazi ukunikeza iziguli imithi ethakwe ngensangu kodwa kumele aqale ethole ukuthi izinhlungu eziphethe isiguli ngezinjani. Ngabe ubuhlungu okungathi buyagwaza, ubuhlungu obudalwe ukuthi uthinte into ethile elimazayo njengokusha, ubuhlungu obungaselapheki okungubuhlungu obukuvusa noma usebuthongweni," kusho uDkt James.
Uthe ubuhlungu abuyona into encane ngoba buthikameza impilo yomzimba wonke uma bungelashwa.
" Umqingo olawula indlela odokotela abelapha ngayo izinhlungu ngokwehlukana kwazo, iPain Journal ka-2020 iyona esilawulayo ukuthi imuphi umuthi okumele uwunike isiguli ngokukala ubuhlungu esibuzwayo. Ezinganeni udokotela ubheka ubuso bengane ngoba ayikwazi ukuchaza. Iningi laleyo imithi inamakhemikhali kanti imithi eyenziwe ngensangu ayinawo amakhemikhali," kusho yena.
Uthe yena njengodokotela ogunyanziwe ukwelapha ngensangu usebenzisa imithi efuthwayo (sprays), amaphilisi, uketshenzi oluthelwa emanzini, uwoyela, amaphilisi ashuthekwa ngemuva nokunye uma elapha iziguli zakhe kuye ngokuthi ubuhlungu obuphethe leso siguli budinga luphi uhlobo lomuthi.
"Imithi eyenziwe ngansangu ithumela umyalezo ozokwenza ukuthi ubuhlungu behle kwizinzwa eziwumsuka wobuhlungu. Le ndlela ibizwa nge-Endocannabinoid System. Isetshenziselwa ukwelapha izinhlungu, ukuqinisa amasosha omzimba ukuze akwazi ukuzilwela nezifo nezinye izifo," kusho uDkt James.
UNkk Anna Mulder obechaza ngamakhowe ayinsangu, uthe ukusetshenziswa kwamakhowe ayinsangu ama-psilocybin mushroom kwelapha izifo ezifana nengcindezi yomphefumulo, ukhwantalala, abanenkinga yokuphuza ngokweqile, abafuna ukuyeka ukubhema.
"Amakhowe bawadla enjengoba enjalo noma agaywe enziwe impuphu, ashintshwe enziwe uwoyela ofuthwayo nokunye. La makhowe njengoba ewumuthi akumele uwadle noma uwasebenzise noma ikanjani ngoba ayadaka uma weqise isikali. Ngaphezu kwalokho njengeminye imithi kungenzeka angakuphathi kahle ube nenhliziyo encane, ube nenkwashu, ukwethuka nokunye. Ngithi nokunye nje ngoba enza izinto ezingafani kumuntu nomuntu okumele ukwenze uma ufuna ukwelashwa ngawo ukuwadla okokuqala. Leyo ndlela ozizwe ngayo uqala ukuwadla, iyona ndlela azokuphatha ngayo uma sewelashwa . Okunye iziguli okumele zikwazi ukuthi kumele ube nobufakazi bokuthi usebenzisa wona ngoba uma uhlolwa kuyavela ngakho kumele ube nobufakazi bukadokotela bokuthi uyelashwa," kusho uNkk Mulder.