USUKU lukaKhisimusi luhambisana nomsebenzi omkhulu komama ngoba kufuneka umswenko wodado, ukucwala amakhanda, ukulungiswa kwekhaya kanjalo nokudla okuzodliwa ngalolu suku. Yingakho kuqambe kushaya isikhathi sokupheka sekuhlanganiswa ukudla okuzodliwa ngumuntu wonke ekhaya. Lokhu kugcina kwenza odado bethi chokochoko bese beshiya kanjalo ngenxa yezipayisi, inqwaba yamasaladi nazo zonke izinongo ezifakwa ekudleni.
Ongoti bathi kumele nakanjani umzali ayiqaphele indlela ahlela ngayo izidlo zodado ngalolu suku noma balungiselelwe bodwa.
Ungoti wezokudla owumsakazi woKhozi FM, uThokozani " Mafresh" Mpungose, uveza ukuthi uKhisimusi njengoba ufika kanye ngonyaka, awufane nse nosuku lokuzalwa lapho odado besuke befuna izibiliboco zodwa. Lokhu uthe akuyona inkinga kodwa abazali kumele babaphekele ngobuhlakani odado. Bathi noma bewudla ushukela kodwa ungeqi. UMafresh uthe odado uyakwazi ukubanika ukudla okunomsoco nezakhamzimba sakubakhohlisa ngoswidi, oshokoledi kanjalo namakhekhe.
" Inyama akudingeki ukuthi uze uyipheke ibe yisishebo esifakwe izithako eziningi ezizokwenza ingane ivaleke inhliziyo, ngisho ungabilisa bese uyenza ibe ncane kungabi amaqatha amakhulu. Uhlobise kahle ukudla kuhehe enganeni ngoba lolu suku lufika kanye. Ungasebenzisa imihlobiso yoswidi ngoba izingane zithanda izinto ezihehayo nezigqamile. Ushukela ngeke uwubalekele ngalolu suku kodwa konke uzokuvuvuzela kancane," kusho uMafresh.
Ephetha uMafresh uthe kuzona zonke izidlo kumele nakanjani zibekhona izakhamzimba ezibalulekile okubalwa amaprotein, amacarbohydrate, fats. Izithelo, imifino, inyama, ufishi nezinye izinhlobo zokudla uthe akube yingxenye yokudla kosuku kanjalo namanzi azokwehlisa akhuculule ushukela ngokuhamba kosuku.
Izinhlobo zokudla ongazihlanganisa ngokukhona
-Izithelo ezisendlini zisike ngendlela eyehlukile kwejwayelekile, ungajoja ngothi uxube kahle nangemibala yakhona. Uthele neyogurt bacobhoze kuyo.
-Isinkwa, amapancakes, ipizza ungabanika bazihlobisele kahle ngendlela abayithandayo. Kungasikwa sakuba opopayi kume ngezindlela ezahlukene.
-Iburger nengane ngeke wakuhlukanisa kodwa qaphela ngalolu suku ayingabi nkulu njengasesitolo, thenga noma wenze amabhanisi amancane ukuze ingane ingazosutha usuku lonke.
-Ufishi okungaba amafish fingers noma oxovwe sakuba isaladi thizeni nakho ungakushiyi.
-Ukubalekela ukuthi baphuze okuhlohlozayo, ungabakhohlisa ngokubathakela ijusi bese uyenza iziqeda ezincane noma bayiphuze injalo kodwa igabe ngemihlobiso yezithelo nengilazi ehlukile.
-Kuzona zonke izinhlobo zokudla akwehluke okwasekuseni, emini nokwantambama. Ingane ingadli ukudla okufanayo, izongabe isakuthakasela bese igxila kokunoshukela kuphela.