UZIMDOLLAR ubevikela umphathi wakhe uSbongi Ngcobo kubalaleli abamgxibhayo ngokuthi bakhuluma ngoba bengamazi ubuyena.
UZimdollar ukusho lokhu ekhuluma ohlelweni lwakhe i-Dankie 1223 ayethula noKing Sfiso.
Bekunesihloko esimema abalaleli ukuthi badlulise noma yimiphi imiyalezo abanayo kubaphathi babo nokuyilapho uZimdollar ethole khona ithuba lokuphefumula ngomphathi wakhe.
Lo msakazi uncome uSbongi noLwazi Mthabela oyimenenja yezokumaketha, wathi bayaphila ngoba bayakwazi ukuhleka nabasebenzi kodwa baphinde bashintshe uma sebefuna umsebenzi.
Uthe into ebuhlungu wukuthi abalaleli abahlale begxibha uSbongi bakhulunyiswa wukungamazi futhi kubuhlungu ukuthi uma kunomsebenzi wesiteshi oshonayo kuthiwe babulawa wumphathi.
Uthe yena siqu sakhe ucela abantu bayiyeke le nto futhi “angiyithandi le nto yokumemana ukuthi nizonde umuntu”.
Kuthiwa uZimdollar uphinde wabhala nakwi-group yesiteshi ebuza ozakwabo ukuthi bathule bathini kuhlale kugxekwa umphathi wabo ezinkundleni zokuxhumana?
"Nginombuzo nje, hhayi kabi, ukuthi niye nithule nithini nje uma nibona indlela umphathi wethu athukwa ngayo ezinkundleni zokuxhumana, ethukelwa wona lo msakazo esithi ungowethu, ubani kanti oyoze asukume athi it's enough? Ngisho kushone umuntu layi khaya, konke kubhekiswa kuSbongi, sekuyazwela phela manje. Ngiyazi ukuthi abanye bethu abamnambithisisi kahle kodwa naye ungumuntu bakwethu. Uma kungukuthi kukhona akonile, thina njengabasakazi abathandwayo nabalalelwayo ku-social media, sinalo ilungelo lokucela uMaluju sisho ngazwi linye ukuthi sekwanele.“
Uthe naye uyakwazi ukuthukwa ngabantu.
Muva nje, umculi kamaskandi, uKhuzani Mpungose, uthe kucacile ukuthi uSbongi akafuni kube nento emhlanganisa noKhozi, wathi imincintiswano eqhutshwa kulesi siteshi ngeke aze asaba yingxenye yayo njengoba unyaka esewuhlukanise izikhawu ezimbili.
Kule nkulumo, uKhuzani unxuse abalandeli bakhe ukuthi bangaluvezi ulaka lwabo kubantu akhuluma ngabo kodwa kusuka lapho abanye bavele bathuka uSbongi.