Isilomo sikamaskanda uMthandeni SK nesikaDJ uDlala Thukzin bazophinde bebange ukuthi izingoma zabo ezishisa izikhotha zihlukanise unyaka nakwezinye iziteshi njengoba beqhathwe kuMhlobo Wenene nakwiTruFM e-Eastern Cape.
UMthandeni unengoma ethi Paris apike kuyo uLwah Ndlunkulu kanti uDlala Thukzin unePlan apike kuyo uZaba noSykes.
Laba bangabanye abasembangweni wokuthi ingoma yabo idlalwe phakathi kwamabili ngoDisemba 31 kuKhozi FM. Izibalo zangesonto eledlule, bezikhomba ukuthi uMthandeni uzihola phambili ngamavoti kuthi uThukzin abe sendaweni yesithathu.
Imizamo yokuthola uMthandeni ngoLwesithathu emini ayiphumelelanga njengoba ucingo lwakhe belukhala lungabanjwa.
Imenenja kaThukzin, uLindo “Dog DBN” Buthelezi, ithe bayakujabulela ukuqokwa kwabo futhi bazokhankasa ukuthi bawine.
“Akulona Ukhozi lodwa olwenze iPlan yaduma. NeTruFM ibe nesandla noMhlobo Wenene ngokunjalo ngoba bayayidlala. Ngiyajabula ukuthi kuvele nalawa amanye amathuba okuthi iPlan ihlukanise unyaka futhi ngizoqhamuka neqhinga lokukhankasa,” kusho uDogg.
Uthe kulo nyaka kuzocaca, ikakhulukazi kuKhozi FM, ukuthi lo mncintiswano wokuhlukanisa unyaka usebenza kanjani.
“Uma kuphinda kuhlukanisa umaskandi kusho ukuthi abaculi abenza ezinye izinhlobo kumele bayeke. Kuzomele sithole ezinye izindawo lapho esizoba nethuba khona. Ayikho ingoma edume umhlaba wonke njengePlan. Angifuna ukuqamba amanga, iParis ngiyayithanda futhi nginayo kwiselula yami kodwa akuyona ingoma edume izwe nomhlaba wonke,” kuchaza uDogg.
“Baningi abanye banezingoma ezidumile kodwa babheke ukuzihambela phambili ezitolo zomculo kunokukhankasela ukuhlukanisa unyaka ngoba bayazi amabhinca azohlangana avote ndawonye. Kungcono uma kuthiwa umuntu uvota kanye ngaleyo ndlela kuzokhethwa kahle.”
Umhlobo Wenene neTruFM baqale umkhankaso ngoDisemba 5 kwaze kwaba wuMsombuluko wokuthi abalaleli bavotele izingoma abazithandayo ezizongena kwiTop 1-. Kuthiwa kungene amavoti angu-19 500 kuzo zombili. Ukuvotela izingoma ezingu-10 esiteshini ngasinye kuyaqhubeka kuze kube wu-12 emini ngoDisemba 31.
Umculi ozohlukanisa unyaka kuMhlobo Wenene uzohlomula ngoR30 000.
Ukuvota uthumela iSMS enekhodi eseduze negama lomculi ku-33444 kuMhlobo Wenene noma ku-33175 kwiTruFM. I-SMS Ibiza uR1.50.
Umhlobo Wenene FM
•UWFM1 = De Mthuda, Da Muziqal chef & Eeemo – Sgudi Snyc
•UWFM2 = DJ Stax ft Thabie Ngethe – Ungayithi vu
•UWFM3 = Dlala Thukzin ft Zaba & Sykes – iPlan
•UWFM4 = Ikhona – Andinanto
•UWFM5 = Killorbeezbeatz – Ngilele e hotele
•UWFM6 = King Jade & Baby Joe – Nyamezela
•UWFM7 = Lwah Ndlunkulu – Eyami
•UWFM8 = Mthandeni SK ft Lwah – Paris
•UWFM9 = Tornado – Wavuma zaduma
•UWFM10 = Betusile – Nomathemba
Trufm
•TRU1 = Dlala Thukzin – iplan
•TRU2 = Oscar Mbo – Yes God (Morda,Thakzin & Mhaw Keys Remix),
•TRU3 = De Mthuda – sgudi sync
•TRU4 = Mellow & Sleazy – Imnandi Lento
•TRU5 = 2Point1 – STIMELA
•TRU6 = NATHI – IMIMOYA
•TRU7 = Tyler ICU- Mnike
•TRU8 = DJ Stax ft Thabie Ngethe – Ungayithi vu
•TRU9 = Mthandeni ft Lwah ndlunkulu – Paris
•TRU10 = NKOSAZANA DAUGHTER f.t Master Kg f.t Dalom kids – Keneilwe