USHIYE bantu bekhexile esigcawini, eMzinyathi, eNanda ngeSonto usomabhizinisi waseMtubatuba kodwa ohlala eRichards Bay, uLucky Gumbi odume ngelikaSomkhanda ekhipha insavunsavu yemali ekhehla ingoduso yakhe uZamalwandle Duma.
USomkhanda uphinde abe nohlelo olukhombisa ngempilo yakhe kwiSABC1, namakhosikazi akhe amabili uBayede noNombuso nezingane zabo oluthi The Gumbi’s.
Kuvela ukuthi kulindeleke ziwushaye phakathi kwabo kulo nyaka.
UZamalwandle kuthiwa asiside isikhathi bethandana noSomkhanda ngoba umlobole ekupheleni konyaka odlule, ekuqaleni kwalo nyaka wamthembisa umshado.
Umthombo weSolezwe osondelene nalaba uveze ukuthi kulindeleke ukuthi bashade noma inini kusuka manje.
“Emcimbini ngabe nginamanga uma ngingathi kuvelile ukuthi bazoshada nini. Kodwa ngendlela uthando lwabo oluvutha ngayo amalangabi futhi nangendlela abajahe ngayo izinto lo nyaka ngeke uze uphele bengashadile. Uyibonile nawe imali akhehle ngayo umkakhe, uthe elivula lela ipotimende akade eliphethe kwababaza iningi esigcawini, kwahhumuzela amadoda,” kuchaza umthombo.
Omunye umthombo weSolezwe uveze ukuthi laba bazohlanganiswa ngomthetho webandla lakwaShembe lapho bekhonza khona.
“Njengoba esemkhehlile wamembesa unkosikazi wakhe kulindeleke ukuthi bahlanganiswe emhlanganweni kaJulayi, ngokwenkonzo. Lapho bayobe sebeqedile ngokwebandla. Ukhethe intombi impela eyiNazaretha ehamba uMhlanga nasenkonzweni ebisahlala nezintombi nto. Isanda kuphothula iziqu zayo noma ngingazi ezani kodwa ibifunda eWits, eGoli. Ingane esemathandweni impela uyabona nje uma ikhuluma ngaye konke ikwenza ngokujabula,” kuchaza umthombo.
Isolezwe lizamile ukuxhumana noSomkhanda ngalolu daba kodwa ucingo lwakhe belukhala lungabanjwa.
Leli phephandaba liphinde lathola ukuthi lo mcimbi neminye kulindeleke ukuthi ibonakale kwisizini yesithathu yohlelo lwalo mndeni, njengoba bekuqoshwa nangeSonto.
Eminyakeni edlule abantu basale bebuzana ukuthi ungubani wakuphi uSomkhanda, enza esifanayo embesa waphinde wakhehla unkosikazi wakhe wesibili uNomkhosi, nakhona wakhipha ibhayi elaligcwele imali nelabatshazwa abaningi ezinkundleni zokuxhumana.
Kula kwavela khona ukuthi ungusomabhizinisi onamathenda amaloli eRichards Bay.