UMCULI kamaskandi oganele esithenjini, uSiphesihle Zulu, unenge abaningi ngokuchukuluza abantu besifazane abangalotsholiwe ngokuthi athi bayimbewu embi.
USiphesihle uzakhele udumo ngokucula noKhuzani ingoma ethi Ngavele Ngamnika, Utsotsi nethi Ubhuti Wabantu futhi wabuye wapikwa wuNomfundo Moh kwethi Wamqoma Kanjani neZingane Zoma kwethi Iphenti Lami.
Kulo nyaka uSiphesihle uhlule uLwah Ndlunkulu, Phindi P noBingelela Mpanza boKhozi FM emkhakheni weWomen in Music kumaSebenza Women Awards.
Kwabashiye abangalazi kuSiphesihle kubalwa uPhindile Nzama othe: “Uyimbewu embi ephaphayo kanti izindaba zakho ziyaziwa.”
UMuhle Nhlengethwa uthe: “Sphesihle Zulu uyimbewu embi eyagana ikhehla elingangoyihlo ulandela imali.”
UC'lindile Nyambose Dhlamini ubhale kanje: “Imbewu embi edovwadovwa yixhegu.”
UThandie Ngonyamakazi Shozie uthe: “Uyimbewu embi MaZulu engafunwa ngontanga yayo. Uhleli nje ulotsholiwe kodwa awunayo indoda ethi wena. Waze wayimbewu embi ntombazane e-cream white.”
UCphindileh Majiya Ngwekazi uthe: “Noma singelotsholwe kodwa siyibambe kontanga yethu esikwaziyo ukuxoxa nabo.”
UMaNzuza Omnyama WaseMashazini uthe: “Nawe uyimbewu embi eyakhishwa ubuntombi ngepi.. elinesiyezi. Washo-ke ukuthi awukwazi nje ukuguqulwa umfana ongangawe embhedeni, kufana nale-soft life oyiphila nge gqe. Wahlulwa isikole-gold digger ndini. Habe ufuna sikhulume. Lofa liphezu kwakho lelo xhegu.”
UDali Wendlabey'phika Chonco uthe: ”Kwanawe uyimbewu embi eyaphuca isalukazi ikhehla laso.“
Kuhluleke ngisho uSiphesihle esethi ubezincokolela yena ngoba kwiFacebook kuyadlalwa kodwa zaqhubeka nokumtinyela izinyosi.
UMah Kwenzoh Xilatane uthe: ”Sphesihle Zulu udlala nobani? Singabangani bakho thina? Imbewu embi ile sandla sakho esingafan nobuso. Imbewu embi nguwe-ke sisi nokuqoma ikhehla labantu, sdwedwe.“
NoVanessa Tlou akasalanga ngaphandle ngoba uvele wathi: ”Umuntu akadlale nekhehla lakhe, asiyeke.“
Akugcinanga lapho njengoba abanye baze bamkhumbuza uSiphesihle ukuthi wake wathembisana umshado nenye intokazi, uNtando Mkhize kodwa ubudlelwano babo bangaphela kamnandi njengoba uNtando akhala ngokuthi bahlukaniswa wuKhuzani.
Isolezwe NgoMgqibelo (osekuyiSolezwe Ngempelasonto) labika kabanzi ngalolo daba. USiphesihle ukhonjwa kwaDludla eNkandla. Kuze kwashaya uLwesine besaqhubeka nokumdikadika kangangoba ama-comment abesecela ku-10 000. Imizamo yokuthola ukuphawula kwakhe ayiphumelelanga.