KUZOBUNGAZWA ingwazi yomculo we-reggae eyayibamba insimbi ishisa isasebenza nenkosi yalo mculo, uLucky Dube. UThuthukani Cele, owayecula futhi edlala i-keyboard ebhendini kaLucky Dube, uzohlonishwa ku-Ugu Reggae Festival eZuri Beach, eMargate, ngoDisemba 28 kusukela ngo-1 emini.
Kule ndumezulu kuzobe kushiyelana inkundla izingwazi zalo mculo, okubalwa kuzo iLucky Dube Band, Jahseed wodumo kwiBongo Maffin, uBongo Riot wodumo kwiGang of Instrumentals, Afrika Cele no-Armstrong.
Umgqugquzeli walo mcimbi, uPhilile Cele, uthe bathathe isinqumo sokutusa amagalelo kaThuthukani ngenxa yokuthi udabuka kulesi sifunda, eBhoyibhoyi futhi ukwazile ukuqhakambisa umculo we-reggae yaseMzansi emhlabeni jikelele.
UPhilile uthe kuyamjabulisa ukuthi athole ithuba lokubungaza uThuthukani esaphila.
“Bekuyiphupho lami leminyaka ukubonga uThuthukani obesefana newele likaLucky Dube, indlela ebebezwana ngayo nangendlela abebezimisela ngayo esteji. Okunye bekuziqhamukela ngaphandle kokuhlelwa, benze into ecokeme,” kusho yena.
Uqhube wathi kuzobe kungokokuqala uThuthukani edlala neqembu likaLucky Dube ngakubo, ngakhoke izinga liyobe liphezulu kakhulu.
Uhlelo lwalo mcimbi luzobe luphethwe ngusomahlaya waseThekwini, uSimphiwe Shembe.
Amathikithi asatholakala ngo-R250 eTicketpro, eSpar nasePayzone.