UKHALA ngendima yokulingisa athi isiphelelwe umkhuba wakudala wokubheka abantu abanethalente langempela ngoba isibheka kubantu abazakhela igama ezinkundleni zokuxhumana umlingisi uKhanyi Mbau.
Uthe lokhu kuwubulele lo mkhakha njengoba abantu abanekhono lokulingisa bagcine beduve emakhaya, beswele umsebenzi.
Lo mlingisi ungomunye wabazobonakala emdlalweni wamahlaya, iMeet The Khumalo’s owethulwe kwabezindaba eBallito, ngoMgqibelo.
Lo mdlalo uzoqala ukukhonjiswa kwiNetflix ngo-Ephreli 11.
“Mina ngeke uphike nami, imali iyangithanda kungakho sengisebenze kakhulu neNetflix. I-Netflix ibanantu bayo ebafuna emidlalweni yayo, kungakho ngesinye isikhathi ungabona ngathi isebenzisa abantu ababodwa, indlela esebenza ngayo efuna imidlalo yayo ibukeke ngayo.
"Engikujabulela ngalo mdlalo ukuthi owesiZulu wokuqala kulesi siteshi. Ukuba yingxenye yawo kuwumlando ngoba siyazi sonke ukuthi kulesi siteshi imidlalo yaso ikhonjiswa emazweni ehlukene, ngakho ngisho eChina bazobe besibuka nokuyindlela yokuthi kuvuleke amathuba okuthi sibonakale silingisa emidlalweni yakwamanye amazwe,” kuchaza uKhanyi.
Uveze ukuthi ulingisa indawo kaGrace, okungowesifazane onemali kodwa onenkinga nomakhelwane wakhe.
“Ngithemba ukuthi abantu bazowujabulela umdlalo walolu hlobo, ugcwele amahlaya kodwa unesifundo ekugcineni sokuthi kumele nihlale kanjani emphakathini, futhi ubheka ukuthi kungayibulala kanjani into enhle ukungezwani okukhona ebantwini abambalwa,” kuchaza yena.
Enye yezintokazi eqale ukugqama emdlalweni iGomora kuMzansi Magic, uNandisa Khubone olingisa indawo kaCharlotte, uveze ukuthi ukukhula kulo mkhakha kube yinto emnandi kuye futhi ukuba kulo mdlalo kuyajabulisa.
Uthe abantu abalindele eminye imidlalo emibili azoba yingxenye yayo nayo ezokhonjiswa kwiNetflix.
Kulo mcimbi kuhlonishwe umlingisi odlule emhlabeni ngonyaka odlule, uConnie Chiume. UConnie bekuwumdlalo wakhe wokugcina lona awuqopha.
Umndeni wakhe uveze ukuthi ujabule ngokuthola ithuba lokuthi uhambele ukwethulwa komdlalo wokugcina awenza futhi bayohlala bemkhumbula.
Abanye babalingisi abazobonakala, kubalwa u-Ayanda MaNgubane Borotho, Siyabonga Shibe, Bongani Dlamini, Jesse Suntele, Alizwa Sikhafungana, Khosi Ngema nabanye.