IPHETHWE ngomunyu inyanga yabesifazane kudlula emhlabeni umethuli wezinhlelo owayengumsakazi weKaya FM, uThabiso Sikwane, nembongi ebiyisishoshovu sezobuciko, uJessica Mbangeni, wodumo lwengoma kaVusi Nova ethi Asiphelelanga.
Izindaba zokudlula kukaThabiso (50) noJessica (47), bobabili abashone ngoMgqibelo ekuseni, zidalulwe yimindeni yabo ngezitatimende ezinameke ezinkundleni zokuxhumana.
Ngawo futhi uMgqibelo, uDJ Fresh owayengumyeni kaThabiso, wenze ividiyo enxusa abantu ukuthi baqale balinde imiphumela yodokotela abaxilonga isidumbu sowayengumkakhe, andukuba bakhulume ngembangela yokushona kwakhe isigubhukane.
UDJ Fresh uthe utshelwe ukuthi kungenzeka ukuthi uThabiso uthathwe yisifo eseyamene noshukela.
Ngakolunye uhlangothi, okhulumela umndeni kaThabiso, uThami Ngubeni utshele Isolezwe ukuthi wedlula emhlabeni nje, ukhale ngekhanda ngoLwesithathu, waphuthunyiswa esibhedlela.
“Ubekade engenalutho nje, wakhala ngekhanda waphuthunyiswa esibhedlela, okuyilapho okumenele khona. Nokho sisalinde umphumela wodokotela ukuqinisekisa imbangela,” kusho uThami.
UDJ Fresh uthe imbangela yokushona kowayengumkakhe, ayikahlonzwa, kusalindwe imiphumela ukucacisa yonke into. Uqhube wathi okwamanje wonke umuntu usadidekile ngendlela lesi sigameko esenzeke kungazelele muntu ngayo.
UThabiso ushona nje, ubehlela ukwenza umcimbi wokugubha iminyaka ewu-50 azalwa, obuzokwenziwa endaweni esesithe.
Kwenzeka lokhu nje uThabiso usanda kuvela okokuqala kwi-podcast kaDJ Fresh ngoLwesihlanu iWAW! What A Week, lapho bexoxe khona ngezinto ezahlukene, bancokola nangempilo yakhe yakudala, beveza nokuthi bahlangana nini futhi kanjani.
UThabiso noDJ Fresh bamemezela ukuthi seligqabukile igoda lomshado wabo ngoFebhuwari 2022, emva kweminyaka ewu-20 babopha ifindo likasofasilahlane.
Babeqale ukuthandana ngesikhathi uThabiso esafunda izindaba ohlelweni lukaDJ Fresh kwiY FM ngo-1998.
Yize bese bedivosile kodwa uThabiso, oke wasebenzela iVoice of Soweto, Power FM, SAFM neKaya FM, uke waba wuphrojusa kwi-podcast kaDJ Fresh, futhi bebengakufihli ukuthi bayaxhumana.
Okhulumela umndeni kaJessica odabuka eNqamakwe, e-Eastern Cape, uZilungelo Mbangeni, uthe leli ciko elishone seliqophe ama-albhamu ayisithupha, lithathwe wumkhuhlane olihlabe isikhashana, lashonela kwesinye sezibhedlela zaseGoli.
UZilungele uthe bazohlanganisa amakhanda nomndeni namuhla (esho izolo), ukuhlela amalungiselelo enkonzo yakhe yesikhumbuzo neyomngcwabo. Uqinisekise ukuthi uJessica uzofihlwa lapho edabuka khona e-Eastern Cape.
UJessica ugqame kwezobuciko esasebenza kwiSoweto Gospel Choir ngo-2022, futhi uwole izindondo ezahlukene kumaSatma Awards nakumaSama. Ubaziwa ngengoma yakhe ethi Africa.