ZIHLABE umxhwele abantu abaningi izindaba zokuthi indodakazi yomlingisi wakuleli, uZandile "Doja Cat" Dlamini, izonandisa lapho kudabuka khona uyise, uDumisani "Chester" Dlamini okokuqala ngqa selokhu yazalwa ngo-1995.
UDoja Cat ungomunye wabaculi ababoshelwe kwi-Hey Neighbour Music and Lifestyle Festival eLegends Adventure Farm, ePitoli, ngo-Agasti 29 kuya kumhla ka-30.
UDumisani (61), odabuka eMlaza, waqala ukuzakhela udumo enguCrocodile kwiSarafina ngaphambi kokuba uChester kwiYizo Yizo 2. Wathola uDoja Cat (29) wodumo lwengoma ethi So Say, Kiss Me More, Woman nethi Paint The Town Red nenkosana uDaluthando Dlamini (31) emshadweni wakhe wokuqala nentokazi yaseMelika engumlingisi, uDeborah Sawyer (62).
UDoja Cat ubengakaze wakuphika ukuthi imvelaphi yakhe ikuleli kangangoba akakaze waliguqula igama lakhe kumazisi futhi uke wanandisa kwiGlobal Citizen Festival eMelika, edlubhe ingubo egabe ngemibala yeflegi lakuleli.
Umgqugquzeli walo mcimbi, uGlen Netshipitse, uthe uqashe uDoja Cat ngenxa yomdlandla nobuciko anakho esiteji nokukwazi ukuxhumana nezihlwele.
"Lesi yisiqalo, kunezinye izibabuli zamaciko esizozimemezela maduze."
Kujabulise abaningi ukuvela kwezindaba zokuza kukaDoja Cat eMzansi, abanye baveza injabulo yabo ezinkundleni zokuxhumana.
Khonamanjalo: Isihlabani se-fusion nesingumfuthi we-saxophone, uKenny G, sinochungechunge lwamakhonsathi kuleli ngo-Okthoba.
UKenny G, odume ngengoma ethi The Moment nethi Forever In Love, uzoqala eDurban ICC ngomhla ka-1, adlulele eCape Town Grand Arena ngomhla ka-2 bese imbenge eyiphothula eSunBet Arena ePitoli, ngomhla ka-4.
Amathikithi aseyatholakala eWebtickets ngo-R795 kubantu abaneminyaka engaphezu kuka-18.