ASHO ngazwi linye amalungu eNdlu yoMkhandlu weziFundazwe ePhalamende, ukuthi kudingeka litakulwe ibhange Ithala lingavalwa kodwa lokhu kudingeka kwenziwe ngendlela esemthethweni.
La malungu amaqembu ehlukene athe akumele leli bhange elinomlando ikakhulu KwaZulu-Natal, livalwe ngoba kuzoshayeka abantu abamnyama, okuyibo abathembele kulo.
Ovule inkulumompikiswano ngodaba lwaleli bhange, uMnuz Les Govender, iPhini likaSihlalo weNdlu yoMkhandlu weziFundazwe, ilungu le-IFP izolo, othe leli bhange lasungulwa ukuze lisize osomabhizinisi abamnyama.
Uthe umsunguli we-IFP Inkosi Mangosuthu Buthelezi osakhothama, wabona usizi olwalubhekene nosomabhizinisi abamnyama ababengakwazi ukuthola uxhaso kwamanye amabhange.
"Ngeke sivume ukuthi kuvalwe ibhange uShenge alisungula. Akushayeki osomabhizinisi kuphela ngokuvalwa kwalo kodwa nabantu jikelele abanye abahola izibonelelo zikahulumeni abebehlomula kakhulu kulona."
UMnuz Mxolisi Kaunda we-ANC, uthe kudingeka litakulwe leli bhange ngoba lisiza abamnyama.
"Leli bhange litakule inqwaba yabantu ngakho kumele kwenziwe yonke imizamo yokuthi livulwe. Llinamagatsha angu-38 eKZN yonke, lisiza abantu basemakhaya abachithwa amabhange amakhulu."
Uthe bayalwamukela nophenyo lweSpecial Investigating Unit ukuze kucace uma kukhona izinto ezingahanjiswanga kahle.
"Zimbalwa izinto ezisele ukuthi zilungiswe kuleli bhange, cishe u-72% wazo sewenziwe ukuze lihlangabezane nemithetho. Sifuna uMgcinimafa asondele afake isandla ekutheni ibhange lingavalwa," kusho uKaunda.
Noma ehambisana nokutakulwa kwebhange uMnuz Paul Swart we-DA, kodwa uveze ukuthi kumele kulandelwe umthetho.
Uthe abakwazi ukweseka ibhange elingawulandeli umthetho wezwe
"Kumele lilandele yonke imigomo yezomthetho ukuze imali yabantu abahlwempu ingacwili. Ibekhona imizamo yokuthi ibhange lilungise izinto zalo, kodwa kuze kube yimanje alihlangabezani nomthetho. Siyakweseka ukungavalwa kwalo uma kungukuthi lihambisana nomthetho," usho kanje.
Uthe kumele Ithala lifakwe kumabhange anelayisensi yokwenza lo msebenzi.
Ilungu leqembu uMkhonto weSizwe (MK), uMnuz Sibongiseni Majola, lithe kumele kugxekwe nosopolitiki ngokuthula kwabo njengoba ibhange selilengelwa yizembe lokuthi livalwe.
"Abanye basukume ngoba sekuthiwa seliyavalwa ekubeni babethule ngesikhathi lisazama ukuthola ilayisensi yokusebenza. Bebethuleleni bengangeneleli ngoba izinkinga zalo kade zanekwa obala?" kubuza uMajola.
UMphathiswa wezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha nezoMnotho, uMusa Zondi uthe ngeke kulahlekelwe amakhasimende kuphela ngokuvalwa kwebhange..
"Ukuvalwa kwebhange kuzobeka engcupheni inkece efakwe ngabantu engu-R2.5 billion. Kuzoshaya osomabhizinisi abancane, nabantu abangenayo enye indawo yokuboleka inkece," kusho uZondi.
I-FF Plus ithe kumele ibhange lihambisane nomthetho noma livalwe.
Amalungu ale ndlu abuye akhala ngemali yezitokofela ebhajwe kuleli bhange.
Indaba yokuvimba ukuthi kuvalwe ibhange isingenwe nayiSilo samaBandla uMisuzulu kaZwelithini, esingayizwa eyokuthi livalwe.