UXWAYSA abafuna ukuqola abantu ngegama lakhe u-Akhonamathemba "Sweet Guluva" Mbele owine u-R2million ohlelweni iBig Brother Mzansi, egoqwe ngeSonto kuMzansi Magic.
Ezinkundleni zokuxhumana bese ziziningi izimemezelo ezinezinombolo zasebhange ebezikhishwa abantu abehlukene bethi baqoqela uSweet Guluva imali yokumamukela uma esebuyela ekhaya eNquthu.
Emakhasini akhe ezinkundleni zokuxhumana ehlukene uveze ukuthi sekufikile kubo ukuthi kukhona abantu abasebenzisa igama lakhe ukufuna imali nokuyinto esidida abalandeli bakhe.
“Ukukubeka kucace asiceli mali yamuntu, kodwa siyaqonda ukuthi kukhona abakufuna ngempela ukungipha izipho ngoba bethanda. Ukuqinisekisa ukuthi wonke umuntu othanda ukwenza lokhu ukwenza kimi ngempela ngizokhipha i-akhawunti eqondile ukuyiyona okumele abantu bayisebenzise uma ngempela benesifiso esisuka ekujuleni kwenhliziyo ukwenza lokhu hhayi ngoba bephoqiwe,” kusho uSweet Guluva obe esesho elinye lamatemu akhe abesedume ngalo endlini elithi Uyang’bamba kanjani?
Uthe namanje uyalubonga uxhaso abantu abalokhu belukhombisile, kodwa azokwenza ukuvikela umphakathi nabalandeli bakhe emaqoleni aseqala lo mkhuba.
Umndeni kaSweet Guluva uveze ukuthi kusuka manje nawo awukazi ukuthi uzobuya nini ekhaya eNquthu, futhi ngemuva kwalokhu usufuna ukuthi kungalokhu kukhulunywa ngabo kwabezindaba.
Uninakhulu kaSweet Guluva uthe bayabonga uxhaso abalutholile nolukhonjiswe kumzukulu wakhe kodwa manje sebedinga isikhathi sabo ngasese bengumndeni.
Uveze ukuthi nabezindaba ngeke balokhu bebavumela babhale ngabo noma ikanjani.
Ekhuluma neSolezwe uSweet Guluva naye wakuveza ukuthi njengoba sekwenzeke ngalolu hlobo impilo yakhe izoshintsha futhi izinto eziningi ufuna ukuzigcina ziyimfihlo kuhlanganisa nothando lwakhe no-Ashley.