Mamelodi Sundowns (0) 0
Sekhukhune United (0) 0
*IMamelodi Sundowns inqobe ngo 1-0 kwi-extra time
UJAYDEN Adams ube yiqhawe eshayela iMamelodi Sundowns igoli eliyifake kowandulela owamanqamu eNedbank Cup ngesikhathi inqoba iSekhukhune United ngo 1-0 eLucas Moripe Stadium ngoLwesihlanu ebusuku.
Lo, mdlali ongene ngasekupheleni kwesiwombe sokuqala uqhubeke nefomu ayikhombise eqenjini lesizwe, iBafana Bafana, lapho eshaye khona igoli iguqisa iLesotho ngo 2-0, waphinde wabhakuzisa inethi ithela phansi iBenin ngo 2-0.
AmaBrazilian abebheke ukudlulela phambili kulo mqhudelwano ukuze alungise amaphutha angesizini edlule lapho anqotshwa khona yi-Orlando Pirates ngo 2-1 kowamanqamu.
IBabina Noko yafinyelela kowamanqamu ngo-2023, nayo yaguqiswa ezikaMagebhula ngo 2-1.
Yize amaSandawana ebaqalise ebhentshini abadlali abaningi abebedlalela iBafana Bafana namanye amaqembu esizwe, yiwona asheshe akhombisa ukufuna igoli.
Awatholile amathuba kodwa ahluleka ukudlula kunozinti weSekhukhune, uRenaldo Leaner, obevimba ngezandla nangezinyawo.
UPeter Shalulile, ongene esiwombeni sesibili, uke walibeka enethini sekuyophela imizuzu engu-90 yokuqala, kodwa laphakama iduku lomsizi kanompempe, kuthiwa ubesemhlabeni ongafanele, kwayiwa kwi-extra time.
Liqhubekile ukuhlasela iqembu likaMiguel Cardoso, esefake zonke izethenjwa ebezisebhentshini.
Kugcine kulungile ngomzuzu ka-29 we-extra time ngesikhathi uThapelo Morena edlubulundela ngakwesokudla, engena ebhokisini.
Ishodi lakhe lishaye ipali labuyela ku-Adams, walibeka enethini, aphela kanjalo amaphupho eqembu lika-Eric Tinkler.
AmaSandawana asezobhekana neKaizer Chiefs kowandulela owamanqamu.
Iqembu elizodlula lapho lizotholana phezulu nelizonqoba phakathi kwe-Orlando Pirates neMarumo Gallants komunye owandulela owamanqamu.