USONGWE ngezindaba ezimnandi unyaka odlule kuleli njengoba izibalo zeStatistics South Africa (Stats SA), ziveze ukuthi lehlile izinga labantu abangasebenzi kuleli. Lezi zibalo ezekota yokugcina yonyaka odlule.
Lokhu kuvezwe ngumqondisi wezibalo zekota zabangasebenzi kwaStats SA, uMnuz Matlapane Masupye, othe kube nokunyuka okuncane kwesibalo sabantu abathole umsebenzi.
Uthe izibalo zikhomba ukuthi bangu-12 000 abantu abathola imisebenzi.
"Izinga labasebenzayo likhule lisuka ku-10.628 million ngoSepthemba 2024 laya ku-R10.640 million ngoDisemba, wonyaka odlule. Lezi yizindaba eziletha ithemba," usho kanje.
Uthe kwehle imisebenzi engu-3 000 emkhakheni efana nowokukhiqiza, owokwakha kanjalo nowezimayini.
Uveze nokuthi inyukile nemali ekhokhelwa abasebenzi yaya ku-R9.5 billion.
"Amabhonasi akhokhelwe abasebenzi anyuke ngo-R51 billion, ngakolunye uhlangothi yehla imali ye-overtime ekhokhelwa abasebenzi ngo-R2 billion."
Udalule ukuthi sinyukile isibalo semisebenzi emkhakheni ofana nowohwebo.
Umbiko uveze ukuthi abantu abangu-91 000 emkhakheni ehlukene balahlekelwa yimisebenzi phakathi kukaDisemba 2023 noDisemba 2024.
Umbiko uphinde waveza ukuthi cishe uhhafu wabantu bakuleli babhuqwa yindlala, kanti u-45% wabantu abasha abaphakathi kuka-15 no-34, abasenawo umdlandla wokufuna umsebenzi.
UMasupye uthe izinhlelo zikahulumeni zokwakha amathuba emisebenzi esikhashana, okubalwa nohlelo lukamengameli lokuqasha abasiza ezikoleni, luyasiza nakuba lusheshe lunqanyulwe ngenxa yezinselelo zesabelomali.
IStats SA idedela lezi zibalo izwe libhekene nenkinga yabantu abangasebenzi. Abanye bathola isibonelelo esaziwa ngelika-R370, zinyanga zonke ukuze bakwazi ukuphila.
Kubhekwa izindlela zokuthi lesi sibonelelo sigcine sesiholwa unomphela ukubhekana nenkinga yabangasebenzi. Indaba yalesi sabelo yokuthi siyaqhubeka noma siyaphela izocaca ngasekupheleni kwalo nyaka.
Amanye amaqembu ezepolitiki asephakamise ukuthi kuqedwe ngaso ngenxa yezinselelo zesabelomali.