UMCULI ozakhele udumo ohlelweni lwethelevishini obelusakazwa kuMzansi Magic, uGezani "Papa Penny" Kobane, usekuqinisekisile ukuthi ulaxaze i-ANC, wajoyina inhlangano ehlubuke kuyo uMkhonto Wesizwe Party.
UPenny Penny, obeyikhansela le-ANC kuMasipala waseGiyani, eLimpopo, ufake isithombe esikhangisa umcimbi weMK obuse-Orlando Stadium eSoweto ngoMgqibelo, maqede wabhala ukuthi "Yonke into i-Aheeee. Votela iMK okhethweni luka-2024. Votela Umkhonto Wesizwe ngo-2024."
Leli ciko lazakhela udumo eminyakeni yo-1980 kodwa libuye lingaconsi phansi ngohlelo lwempilo yalo yangempela iPapa Penny Aheee kuMzansi Magic.
UPenny Penny ungomunye wosaziwayo abebeyizishoshovu zale nhlangano ebusayo kulesi sifundazwe.
Ubeqeda iminyaka eyishumi ekule nhlangano njengekhansela layo. Okhulumela iMK Party eLimpopo, uMnuz Peter Maluleke ucashunwe ekuqinisekisa ukuthi uPenny Penny useyilungu lenhlangano yabo.
NoSotswebhu omkhulu kuMasipala iGreater Giyani, uMnuz Thomas Makondo, ukuqinisekisile ukuthi uPenny Penny wesulile emkhandlwini.
Isolezwe Ngempelasonto lithole ukuthi uPenny Penny ubeyingxenye yamakhansela awu-47 amele i-ANC, amahlanu amele i-EFF bese amabili amele i-African People's Convention (APC).
“Njengoba engasekho uPenny kusho ukuthi i-ANC isele namakhansela awu-46. Lo mculi ushiya nje kwi-ANC, ubenandisa kwi-mini rally yale nhlangano ebisendaweni yaseNgove ngoMeyi 11.