KUQALE phansi ukukhuluma ngomncintiswano woKhozi FM wokuqoka ingoma ehlukanisa unyaka kulandela izinsolo ezenziwe yisilomo somculi kamaskandi uKhuzani Mpungose ngomphathi wesiteshi.
UKhuzani uqophe bukhoma i-video kwiFacebook lapho eveze khona izinsolo ezahlukene ngoSbongi Ngcobo.
Uthe unenkinga esuka ezinsolweni zokuthi wayexhumana noSbongi ngesikhathi kuqhubeka umncintiswano wesiteshi nyakenye nokuthi wawina ngoba bezwana.
“Ngicabanga ukuthi leyo nto yenza uMaNgcobo waba ngaphansi kwengcindezi yokuthi kusuka manje ayisekho into afisa ukuyibona ihlanganisa mina mhlawumbe noKhozi ngoba kuzolokhu kuqhubeka lezo zinsolo,” kusho uKhuzani.
Uthe okunye uzokusho hhayi ngoba kwenziwe wuSbongi kodwa uzokubeka ukuze abantu babone ukuthi ukhuluma ngani.
Uthe nyakenye wathumela i-albhamu yakhe emsakazweni ethi Aliboli Icala kodwa ize yaqala ukudlalwa ngo-Ephreli noma ngoMeyi nonyaka.
Uthe kuSigiya Ngengoma uma abantu becela izingoma zakhe bekuthiwa “cha ake nime ngaloyo” futhi ubeshayelwa ucingo etshelwa ngabantu abasuke besohlelweni.
Uqhube wathi uKing Zoso, owayejwayele ukuba yisimenywa kuSigiya Ngengoma ukuthi ayokhuluma ngokwenzeka kumaskandi, waxoshwa ngoba ejwayele ukukhuluma ngaye.
Uthe nangesikhathi kushona uBeekay Mchunu kwafakwa uTshatha esikhaleni sakhe “umphathi futhi woKhozi washo ukuthi ngeke amfake uTshatha ngokugcwele ngoba uTshatha umngani kaKhuzani”.
Uqhube waze waveza ukuthi ngeke aphinde ayingenele imincintiswano yoKhozi.
“Ukhozi beluvamise ukuthi izingoma ziqokwe le ko-15 Disemba. Kumenyezwe le ko-19 Disemba ukuthi abantu abavote. Kodwa ngabuka ukuthi ngemuva kokuhlukanisa unyaka kunento abayizwayo yokuthi, ngeke kuzokwenzeka kuba wumuntu oyedwa. Bebevamise ukuvala ngoLwesibili mina ngikhipha ngoLwesihlanu.”
Uthe kwakumakwa yena kuvalwa ukuqokwa kwezingoma ngale kwa-Okthoba 31.
Okhulumela iSABC uMmoni Seapolelo, uthe ukusebenza nsukuzonke okuhlanganisa ukuphathwa kweziteshi kulawulwa yimithetho nemigomo egunyazwe yinhlangano.
“Ngakho kunzima ukuthi uNksz Ngcobo athathe izinqumo siqu sakhe njengoba esolwa ngoba ayikho imenenja yebhizinisi yanoma yisiphi isiteshi enamandla okuthatha izinqumo noma ukwenza imigomo engahambisani negunyaziwe,” kusho uMmoni.
Uthe umculo odlalwa esiteshini ulawulwa yimigomo, ikomiti elisebenza ngaphansi kwayo ngakho akulula ukuthi kube khona ongekho ekomitini ukuthi athathe isinqumo ngomculo odlalwano.
Uqhube wathi izinqumo ezithinta okwenzeka emoyeni zithathwa ngabaphathi, okuthinta ezemidlalo kwenziwa yiSABC Sport ngale kokugxambukela kwabaphathi besiteshi, abadidiyeli noma abasakazi.
“Isiteshi sihlale sizama ukuthuthukisa yonke imikhankaso yaso futhi nokushintshwa kwemithetho yomkhankaso weNgoma Ehlukanisa uNyaka akwenziwa umuntu oyedwa kodwa ngabaphathi besiteshi bebona isidingo sokuthuthukisa umkhankaso, hhayi ukuvalela umculi. Ngakho izinsolo zokuthi uNksz Ngcobo ubuyekeze imithetho ukuvalela umculi othize, kayilona iqiniso.”
Uthe abangenelayo kumele babe neminyaka engu-18 kuya phezulu, izingoma ezidlalwa esiteshini futhi eziphume phakathi kuka-1 Januwari no-31 Okthoba 2024.