UMLINGISI obese kuphele iminyaka agcina ukubonakala emdlalweni iGenerations: The Legacy, uThuli Phongolo uthi kufana nokubuya ekhaya ukukhuza ibuya kulo mdlalo.
UThuli uzoqala ukubonakala kwiGenerations kusuka ngo-Ephreli 25, kwiSABC1 ngo-8 ebusuku, lapho ezobe ezoqhubeka nokulingisa indawo ayishiya kaNamhla Diale.
“Kimi kufana nokubuya ekhaya njengoba ngizophinde ngibonakale kuGenerations: The Legacy. Ngijabule ukuphinde ngizohlangana nozakwethu nabasebenzi balo mdlalo engabashiya. Kodwa engikujabulela kakhulu ukubuya kubalandeli bami engibalethele ubumnandi bodwa kule ndawo engiyilingisayo,” kuchaza uThuli.
Uveze ukuthi akuthanda ngale ndawo ukuthi uNamhla ungumuntu onamaphupho, ohlakaniphile futhi ozimele kodwa othanda ukwenza izinto ngendlela enganambitheki.
“UNamhla unobudlelwano obungaqondakali nabazali bakhe uLucy Diale (Manaka Ranaka) noJack Mabaso( Vusi Kunene). Uyabathanda bobabili kodwa ukuthola kunzima ukuthi aphile nabo. Ngakolunye uhlangothi, uJack ufuna ukumqeqesha uNamhla ukuze asebenze naye kodwa ilapho kuqala khona izinkinga ngoba lokhu okufunwa ukwenziwa ubaba wakhe akakujwayele,” kuchaza uThuli.
IMorula Pictures eqopha lo mdlalo, iphinde yaveza izindaba zokuthi iphelile indawo ebilingiswa uSix Nyamane kaNozipho Cele-Moroka. Bathe le ntokazi yenze omkhulu umsebenzi futhi bayifisela okuhle njengoba isifisa ukukhula ngaphandle kwalo mdlalo.
Baveze ukuthi izogcina ukubonakala ngo-Ephreli 24.
Kwenzeka lokhu nje, kuleli sonto kuvele izindaba zokuthi ulengela eweni lo mdlalo njengoba iSABC ikhiphe isitatimende esikubeka obala ukuthi kusele amasizini amabili kuphela, emuva kwalokho basazoxoxa ukuthi kuzokwenzekani.
Kuthiwa iSABC ibingakaziqali izingxoxo neMorula Pictures, okuyinkampani kaMfundi Vundla.
Esitatimendeni esikhishwe yiSABC, ngomlomo kaMmoni Ngubane ophethe ezokuxhumana, siveze ukuthi ngemuva kwazo zonke izinkulumo ezivelile, bakhethe ukuthi baphumele obala ngekusasa lomdlalo.
“Isizini ekhonjiswayo manje eka-33 futhi ingaphansi kwenkontilela esinayo nabashutha umdlalo. Isivumelwano sesizini ka-34 sikhona futhi sisemaphethelweni okuthi siqedwe phakathi kwezinhlaka zombili iSABC neMorula Pictures,” kusho uMmoni.