UMFUNDISI ozakhele ugazi edlala indawo kaSonti Magongwa kwiSkeem Saam, uTumisang Pearl Nikolic, uthi uzimisele ngokuletha uguquko eNingizimu Afrika. UTumisang (35) usho kanje emuva kokungena kwipolitiki.
Le ntokazi ephume isibili emqhudelwaneni kazime wabesifazane abashadile, uMrs South Africa ngo-2023, isiyilungu eligcwele leqembu lowayengumengameli uJacob Zuma, uMkhonto weSizwe Party (MKP). Ithathe isinqumo sokubamba iqhaza kwipolitiki ngoba ikholelwa ukuthi umuntu kufanele abe wuguquko afisa ukulubona emhlabeni.
"Ngesikhathi ugxeka abanye, ulahlakelwa ngamandla okuguqula. Ngijabule kakhulu ngokuba yizwi likaNkulunkulu emkhakheni wepolitiki. Ngikulangazelele kabi ukunikeza abantu intuthuko," kusho losaziwayo owagcotshelwa ukuba wumfundisi ngo-2021. Isolezwe lithole ukuthi okwenze wajoyina i-MK Party ukubona abantu ayehlala nabo emijondolo eminyakeni engu-15 eyedlule, besaqhatha usizi khona. Ucashunwe ethi ubonile izinhlangano esezinesikhathi ziyibambile insimbi kuhulumeni, kukhalwa ngazo ngokwehlulwa ukuletha intuthuko kubantu. Uthe yena njengomuntu osemusha uthe ubone kunesidingo sokuletha uguquko empilweni yabantu.