NQOBILE MASIMULA
SAMUKELWE ngezindlela ezahlukene isimemezelo sesangoma sodumo esizibiza ngoGogo Skhotheni, sokuthi amadlozi aso afuna sibe nomyeni wesibili.
Uhlelo lwethelevishini oluthi Mnakwethu lugqugquzela isithembu kodwa isangoma sodumo, uGogo Skhotheni ogama lakhe lokuzalwa nguPatricia Tumi Motsoeni- Shange, uzobe ezotshengisa abantu baseMzansi uhambo lwakhe lokuthatha umyeni wesibili njengokuyalelwa ngamadlozi akhe.
Lokhu ukuveze esiqeshini sakamuva sohlelo lwakhe oluqanjwe ngegama lakhe (Gogo Skhotheni) oluqale ukukhonjiswa kuMoja Love (157) ngo-8 ngoMgqibelo kaJulayi 2.
Baningi abakhombise ukukweshama okuzokwenziwa yisangoma esizinze eMbalenhle eMpumalanga, yize isithembu sabesifazane sike sahlongozwa kuleli kodwa asikho isinqumo esesithathiwe ngaso.
Emuva kwesiqephu sakhe sakamuva ubuye wabhala ekhasini lakhe leTwitter ukuthi "Yebo, kuyiqiniso ukuthi ngizoba nomyeni wesibili, ngeke ngikwazi ukwenaba kodwa kona kunjalo.“
Ethintwa uGogo Skhotheni uthe ngokwenkontileka ayisayine neMoja Love akuvumelekile ukuthi anabe kabanzi ngalokhu.
“Abantu abafuna ukubona nokwazi kabanzi ngalolu hambo lwami abenze isiqiniseko sokuthi balandela uhlelo ngoba konke kuzovela khona. Abalinde abantu yonke imibuzo izophenduleka,” usho kanje.
Kuthe uma ebuzwa ukuthi kungabe uzozibiza ngazo zombili yini izibongo zabayeni bakhe uma eseshadile, wavele wabhoka ngolaka ethi akaxolelwe ngemibuzo akekho umuntu amkweleta izimpendulo.
Abalandeli bakhe bebekhathazeke ngokuthi uzothini umyeni wakhe, uMonde Shange, abanendodakazi naye okuyingane yakhe yesihlanu.
UKhawuta (@CarWootah) uthe “Ngikhathazeke ngalaba besilisa abavume le nto.”
U_Noah (@noah_mbatha) uthe “La madlozi amanje ngathi ayakhohlisana nje. Monde wabantu”.
USiboniso KaMabaso (@ZuluSweG) uthe “Umbhedo lo.....kusho ukuthi uwena ozobalobola, wembese, ubakhehle, ubaqholise, ubafake iy’dwaba, ubakhiphe emakubo ngamabhokisi, ubakhiphe ey’bongweni zabo babize esakho, ubathele ngenyongo yakini, bakulale uzale izingane ezizobiza isibongo sakini”.
Umkhwenyana wakhe wokuqala bahlangana naye kwiFacebook, bashada ungakapheli unyaka behlanganile.
Useke waba sematheni ngesikhathi ephumela obala ngokuthi kunezangoma zamanga nokuthi ubuthakathi yinto ekhona.