Umakadebona womlingisi uCynthia Shange ugonyuluke ngokugula okumhlasele athe kucishe kwaqeda ngempilo yakhe.
UCynthia owayenguzime ngaphambi kokungena kwezokulingisa, ubekhuluma emcimbini amaSimon Mabhunu Sabela KZN Film and Television Awards ePlayhouse, eThekwini, ngoMgqibelo ebusuku,
Uthe kwakhona ukuthi uhamba ngezinyawo zombili wubukhulu bukaNkulunkulu.
“Ngiyacela ukuthi ngiyikhulume le nto ngoba angikaze ngiyikhulume, yaziwa wumndeni wami.
Ngo-2018 ngasuka eGoli ngiza eThekwini, ngizalwa la vele ngangize esontweni. Ngiwumuntu ophethwe yisifo sikashukela. Kusho ukuthi wangiqubukela ushukela ngagula kakhulu ngagcina ngilele esibhedlela. Ngalala esibhedlela izinyanga ezintathu kwakunzima. Ngangiphakathi kokufa nokuphila kodwa ngobukhulu bukaNkulunkulu nakhu ngikhona ngimi la namhlanje,” kusho uCynthia.
Ubonge iNkosi yasekuPhakameni uVukile ‘Ncoyincoyi’ Shembe athe yamlwela futhi imthandazela.
“IsiZulu sithi kwembulwa kwembeswa. Kwakuyimi loyo kwakwembulwa kwembeswa. Ukufa kwakungene ngomlenze nginesifo esidalwa wukungagelezi kahle kwegazi emzimbeni ligcine lingafinyeleli emalungwini athile omzimba . Ngangineqoqo lodokotela mhlawumbe beyisishiyagalombili bebhekene nami. Omunye eza nalo mshini omunye eza nomunye belwa nale nkinga eyayiqhubeka idlondlobala kwaze kwafika isikhathi sokuthi kumele banginqume umlenze. Kwaba nzima kakhulu kimi ukuzwa into enjalo ukuthi kufanele nginqunywe umlenze. Nganqaba ngaqamba amanga ngathi anikwazi ukuthi kumele ninginqume umlenze ngoba ngiphezu kwe-movie sengisayine nenkontileka. Ngathi inkontileka uma ngingase ngiyiphule manje kumele ngikhokhe imali engaphezu kuka-R5 million,” kuchaza yena.
Uthe basayinisa indodakazi yakhe ukuthi bazomtholela amaphilisi angatholakali kalula ngoba anobungozi bokuthi angamsindisa okanye amenze agule kakhulu. Uthe unyawo lwakhe lwalubola.
“Enza ngagula kakhulu izandla zami zazixebuka zalenga. Ekhanda kuhlala kulume angazi kunani.”
Uthe wahlinzwa amahlandla amane.
“Isikhathi sami sokubonga namhlanje. Sokubonga impilo, sokubonga umusa, sokubonga inhlanhla, sokubonga uthando. Ngiyacela le nto ukuyikhuluma namhlanje ngiyazi nginabantu abaningi abangikhonzile abangithandayo abanye baye babuze ukuthi kanti sizophinde sikubone nini kwiTV siyakukhumbula. Ngicela bazi ukuthi angisaphilile kahle. UNkulunkulu wasekuPhakameni wangilwela anginqunywanga umlenze kodwa nganqunywa izinzwane ezinhlanu ngiyahamba, ngiyashayela ngothando. Ngeke ngithi isibindi sami. Ngithandiwe ngalwelwa eZulwini.”
UCnythia (75) oselingise emidlalweni eminingi okubalwa kuyo iDeliwe, Muvhango neminye, uhlonishwe ngendondo yeLifetime Achievement Award.
Ngibonga uMabhunu esasimbiza ngoBra Sai ngoba ngaba yile nto engiyiyona ngaye. Uyena owangiqasha ukuthi ngibe uDeliwe. Ngathi mina angikwazi ukulingisa wathi ungakhathazeki siyafana nami angikwazi ukuqondisa,” kusho yena.
Uhlelo lwemiklomelo beluphethwe nguNomalanga Shozi. Kwabanye abanqobile kubalwa uMbongeni Ngema ongasekho, Thembinkosi Mthembu, Deli Malinga, Melusi Yeni, Thembi Mtshali nabanye.