YIZE uBusisiwe Ndlovu eneziqu zeHonours Degree emkhakheni we-Speech Language Pathology, aziphothule nyakenye e-University of KwaZulu-Natal, kodwa uzifela ngomsebenzi wokufunda izindaba emsakazweni.
UBusisiwe (22), ongumfundi wezindaba kwiVibe 947 FM, ubuye asebenze njengeSpeech Language Therapist/Pathologist emtholampilo waKwaMashu.
Uthe kulo msebenzi ubhekene nokusiza ekuxilongeni nasekulapheni izifo zolimi, ezokuxhumana nezokukhuluma kubantu abancane nabadala abanenkinga ngenxa yezifo.
Le ntokazi yaKwaMathwanya, eMooi River ithe yakhula izifela ngomkhakha wezokungcebeleka kangangoba yaqala ukulingisa isafunda eTauricus naseSenzokuhle Combined.
Ngekhono lokulingisa uBusisiwe usebuya emdlalweni weshashalazi iThe Deeds of The Past nanqoba kuwo indondo yeThe Best Promising Actress kuMphithi Theatre Awards neSecond Runner Up Best Actress kwiSigcawu Festival, eKhaya Multi-Arts Centre, KwaMashu ngo-2016.
Uthe efunda uGrade 11 ngo-2018 wabe esehlaba ikhefu emkhakheni wezokungcebeleka ngoba wayesefuna ukugxila emsebenzini wezempilo.
Uthe yize ayefuna ukufundela lemisebenzi yezobuciko kodwa wathola izeluleko kwabanye abathi akafundele umsebenzi azoqasheka kalula kuwo, okwenza waqoka owezempilo.
Yize esebenza kahle kodwa uthi uyafuna ukufeza amaphupho akhe ngokusakaza eziteshini ezinkulu nasekulingiseni emidlalweni emikhulu.