I-KAIZER Chiefs isiqede ukuqagela ngekusasa lomdlali wasesiswini, uSiyethemba Sithebe, okuvela ukuthi usethenjiswe inkontileka entsha.
USithebe uchithe isikhathi engadlali kuleli qembu ngenxa yokulimala, ubuyele esikimini wenza kahle emidlalweni yakamuva. Usehlalise ebhentshini uYusuf Maart obekade eselenze elakhe ijezi enkabeni yenkundla kuMakhosi. USithebe (31) ngomunye wabadlali beChiefs abaphelelwa yizinkontileka ngenyanga ezayo okubalwa kubona u-Itumeleng Khune obehlonishwa ngesonto eledlule, Lehlohonolo Matlou, Njabulo Ngcobo, Edmilson Dove noSifiso Hlanti onombandela wokuyelula.
Imenenja kaSithebe, uSihlangu Sithebe, ithe abaphathi baMakhosi bathembise lo mdlali inkontileka yeminyaka emibili enombandela wokuyivuselela.
“Sihlanganile nabaphathi beChiefs emasontweni amabili adlule, bakuqinisekisa ukuthi bazomnika inkontileka entsha. Bekufanele siphinde sihlangane kuleli sonto kodwa kwatholakala ukuthi uJunior (Motaung) ungaphandle kwezwe. Manje sesizohlangana ekuqaleni kwesonto elizayo ukuyoqedela konke,” kusho uSihlangu.
“Indlela abuye ekulimaleni wadlala ngayo, iyona ebanike isiqiniseko sokuthi basamdinga eqenjini. Bathe nakuba esemdala kodwa indlela aziphathe ngayo ibanika ithemba lokuthi usengayidlala iminyaka eyisithupha. Ngithandazela nje ukuthi kufike umqeqeshi ozomdlalisa ukuze ezobuyela eqenjini lesizwe.”
Okhumela iChiefs, uVina Maphosa, uthe akekho emsebenzini namuhla kwazise uhambele isifo emndenini. Ngesonto elizayo, kulindeleke ukuthi iChiefs ibize isithangami nabezindaba labo izokwenekela khona abalandeli ngokwenzeke kule sizini nezinhlelo zesizini ka-2024/2025.
USithebe udlale imidlalo engu-10 yeDStv Premiership kwiChiefs kule sizini. Ujoyine leli qembu ngo-2022 esuka kuMaZulu engasabhekani nabaphathi kulandela ukusayina inkontileka yesibambiso naMakhosi maphakathi nesizini. Abaphathi boSuthu bathatha isinqumo sokuthi engaphinde alidlalele leli qembu laseThekwini. Lokhu kwaholela ekutheni ahlale izinyanga ezinhlanu engalikhahleli ibhola. Nakuba iChiefs isikuqinisekisile ukuthi izomgixabeza ngenye inkontileka uSithebe kodwa kuvele ukuthi akhona namanye amaqembu amcuthele.
“IChippa iyamfuna. UChippa Mpengesi ushilo ukuthi uma ikhona indlela engakujabulela ukumthola njengoba ephelelwa yinkontileka neChiefs. Naye uSiyethemba ngike ngamtshela ngalokhu. Kodwa inhloso wukuthi ahlale kwiChiefs njengoba esenikwe inkontileka entsha,” kusho uSihlangu.