UMQEQESHI we-Orlando Pirates, uJose Riveiro, ushumayele ivangeli lokuzikhandla kakhulu kunakuqala njengoba kungaseyona imfihlo ukuthi inhloko iyahlukana nesixhanti ekupheleni kukaJuni.
URiveiro ukusho lokhu kulandela ukuqoqa amaphuzu amathathu kwiPolokwane City emdlalweni weBetway Premiership abawuwine ngo 1-0 ngoMgqibelo e-Old Peter Mokaba Stadium, ePolokwane.
Le wini ibibhekwe ngabomvu kwazise bekungokokuqala iPirates ibonakala enkundleni kulandela ukuqinisekiswa kokuhlukana kwayo nesithandwa sabalandeli, uRiveiro.
Ngeledlule, imfihlo ngekusasa likaRiveiro kwiPirates ihlale obala ngesikhathi usihlalo wayo, u-Irvin Khoza, eqinisekisa ngesitatimende ukuthi lo mqeqeshi waseSpain, ngeke ivuselelwe inkontileka yakhe uma iphela ngoJuni 30.
Okusobala wukuthi lokhu akuzange kwehle kahle kwabePirates yize bekukhona kubona ukuthi angase abashiye lo mqeqeshi osebabuyisele ukuzethemba ngokubafakela izinkomishi ezinhlanu ekhabetheni kusukela afika ngo-2022, esuka eFinland. URiveiro usanethuba lokwengeza ngesicoco seligi, indebe yeCaf Champions League neyeNedbank Cup.
Iwini yePirates kwiPolokwane yegoli likaNkosinathi Sibisi, liyisondeze kwiMamelodi Sundowns esesicongweni futhi ebukeka izogoduka naso lesi sicoco.
Ngenxa yokusala ngemidlalo kwePirates, uRiveiro ukhulumise okomuntu osayibhekile iligi.
“Isikhathi esikusona siyasiphoqa ukuthi sifake amakhanda phansi, sisebenze ngokuzikhandla kuze kube sekugcineni,” kusho uRiveiro esithangamini nabezindaba.
“Bekumqoka ukuwina oweligi kodwa sekufanele sigqoke isigqoko seCaf (Champions League) nakhona esingangabazi ukuthi kuzoba lukhuni satshe.
“Konke kuthothene kodwa uma singafaka umfutho wokugcina, angingabazi ukuthi sizosondela ezintweni ezinhle ezisifanele.
“Konke esikwenza manje kuze kuphele isizini kusinika ithuba lenjabulo ngakho-ke siyaqonda ukuthi kumqoka kangakanani ukungasuki ezinhlelweni."
IPirates izokwamukela i-MC Alger yase-Algeria kowomlenze wesibili we-quarterfinal yeChampions League ngoLwesithathu ngo 6 ntambama, e-Orlando Stadium, eSoweto.
IPirates ehamba phambili ngo 1-0 wegoli likaMohau Nkota kwi-Alger, kuzodlula izinsuku ezimbalwa yamukele iMarumo Gallants kowandulela owamanqamu weNedbank Cup kuyona le nkundla.enkundleni efanayo.
“Konke lokhu kuyasiphoqa ukuthi singabinalo ithuba lokubheka engxenye kumbe ukulalela okushiwo ngathi ngaphandle kwabalandeli bethu.
“Amathuba esinawo siyawaqonda futhi akekho ongabazayo ukuthi kungenzekani uma singenza kangcono okungenani kwemibili yale miqhudelwano emithathu esinethuba layo,” kusho uRiveiro.