INSEPHE yomgijimi wamabanga amafishane, u-Adriaan Wildschutt, iqophe irekhodi elisha laseNingizimu Afrika lika-10km kwabesilisa emjahweni i-Absa Run Your City, obuseGqeberha, ngeSonto.
UWildschutt (26) obeqala ukuwugijima lo mjaho, udle umhlanganiso ngokushaya isikhathi esingu-27:28, ephula irekhodi likaPrecious Mashele ayeliqophe kuwo lo mjaho eminyakeni emibili edlule.
Isibili sithathwe nguVincent Kipkorir waseKenya ngesikhathi esingu-27:47, isithathu kwaba nguKabelo Mulaudzi wakuleli ngo-27:57.
Kwabesifazane umhlanganiso udliwe nguJane Chacha waseKenya ngesikhathi esingu-31:45, isibili kwaba nguSelam Gebre wase-Ethiopia ngo-31:50, kwathi isithathu kwaba nguGlenrose Xaba wakuleli ngo-31:56.
UXaba nguyena obethwelwe ngeqoma kulo mjaho nobeye kulo mjaho esha amashushu ngokwephula irekhodi lakhe lika-10km laseNingizimu Afrika aliqophe nyakenye lika-31:12.
“Ngijabule kakhulu ngokunqoba lo mjaho, yize bengazi ukuthi bekuzoba ngumjaho onzima, kodwa ebengifuna kabi ukuwunqoba.
Bengazi ukuthi amakhilomitha amabili okugcina abezoba yinselelo enkulu, ngakho ngilwe kanzima ngibhekene nomoya, ngibheke newashi lami ngaso sonke isikhathi.
Ngenkathi ngiya ngokuya ngisondela, yilapho engibone khona ukuthi sekuseduze ukuthi ngiyishaye intambo,” kusho uWildschutt, odabuka eCeres, eWestern Cape kodwa osezinze e-USA.
Le nsephe yomgijmi ehlabane ngo-R30 000 ngokudla umhlanganiso, no-R50 000 ngaphezulu ngokubeka irekhodi elisha likazwelonke lika-10km, iphula irekhodi le-Absa Run Your City nje, yengeze kwamanye amarekhodi aseNingizimu Afrika ebivele inawo.
Elika-3000m lesikhathi sika-7:32,99 sec, elika-5000m lesikhathi sika-12:55,02 sec, nelika-10 000m lesikhathi sika-26:50, 54 sec kwi-track and field.