UMQEQESHI waMaZulu FC, u-Arthur Zwane, uyakuqonda ukubaluleka kokubuya namaphuzu aphelele kwezakhe emdlalweni wabakhaya neLamontville Golden Arrows, ntambama.
AmaZulu azotholana phezulu neGolden Arrows kowabakhaya baKwaZulu-Natal kwiBetway Premiership eMpumalanga Stadium, eHammarsdale, ngo-3 ntambama.
Yize Usuthu lusahlezi endaweni yesikhombisa kwi-log yePremiership kodwa imiphumela yemidlalo yalo yakamuva ayiginyisi mathe kumqeqeshi walo nakubalandeli, nosekudala ixhala ngamathuba aleli qembu okugcina indawo kwiTop 8 kuze kuphele le sizini esisongwa.
Emidlalweni emine yakamuva, lunqobe owodwa lwashaywa kwemithathu, okubalwa nowangoLwesibili olwedlule, lapho liguqiswe khona yiStellenbosch FC ngo 1-0 ekuhambeni.
“Le midlalo ayizi kalula kithina. Siyakwazi ukubaluleka kokuthola amaphuzu amqoka kuyona. Ngakho angisafuni ukulokhu ngiphinda into eyodwa ngokuthi sikuphi (ngokwe-log) nokuthi kufanele ngabe sikuphi," kusho uZwane.
"Sibe nesikhathi esanele sokuqinisa indawo esikuyona kwi-log kodwa ukulahla kwethu amaphuzu imidlalo emithathu ilandelana yikho osekusifakele ingcindezi, saba kulesi simo esikusona. Kodwa-ke njengoba sikwazile esikhathini esedlule ukuzikhipha otakwini, kuzomele sizikhiphe futhi namanje.
“Ithuba esinalo elokuthi njengoba siya eHammarsdale wukuthi akukhathaleki noma inkundla esiyodlala kuyona isesimweni esinjani, okubaluleke kakhulu wukuthi siyele ukuyolwela ukubuya namaphuzu.”
Njengoba Usuthu selusalelwe yimidlalo emithathu kuphela ukusonga isizini, uZwane ukuqonda kahle ukubaluleka kwamaphuzu kule midlalo ebasalele ukugwema ukuphuma kwiTop 8.
“Siwulungele umdlalo, yize sinabadlali abambalwa abalimele kodwa angicabangi ukuthi lokho kuzoba nomthelela otheni. Sinabadlali abahlale belindele ukunikwa ithuba futhi balibamba ngazo zombili uma belinikwa," uqhube kanje.
"Ngakho sinethemba lokubuya namaphuzu kulo mdlalo, yize sikuqonda ukuthi akuzukuba ngumdlalo olula.
"Njengoba kuyithina esesidlale imidlalo eminingi kunamanye amaqembu. kubalulekile ukuqinisekisa ukuthi siyawathola amaphuzu kuyo yonke le midlalo esisalele ukuze singaphumi kuTop 8,” kuphetha uZwane.