UBONA kuyisimangaliso ukuthi usezobuyela enkundleni kulandela ukulimala kanzima engozini yemoto ngonyaka odlule umdlali weDHL Stormers, uSeabelo Senatla.
Impilo kaSenatla nekusasa lakhe embhoxweni kwakusengcupheni ngesikhathi ebandakanyeka engozini yemoto eKapa ngoMeyi nyakenye, ngaphambi komdlalo we-quarterfinal ye-United Rugby Championship neVodacom Bulls.
Walimala kakhulu engalweni kanti kwakubonakala sengathi ngeke esakwazi ukuqhubeka nokudlala umbhoxo. Ithemba libuyile ngesikhathi eqala ukuzilolonga kancane kancane ngoMeyi nonyaka yize ebesaqashwe ngodokotela.
Kubhekwe ukuthi abuye ngokuphelele ungakapheli lo nyaka noma ekuqaleni konyaka ozayo.
"Ngalimala kakhulu endololwaneni. Yayingasekho nhlobo. Kwakunomonakalo omkhulu kuhlanganisa nokuphazamiseka kwemizwa. Kwadingeka ukuthi ingalo yami ihlanganiswe kabusha,” kusho uSeabelo Senatla ohlelweni lweSABC, iNews Live.
“Ngicabanga ukuthi ngahlinzwa izikhawu eziyisithupha noma eziyisikhombisa. Kwakukubi impela. Yakhulunywa neyokuthi kungenzeka nginqunywe ingalo. Kuyamangalisa ukuthi ngihlezi lapha manje ngikhuluma ngokuthi ngizodlala maduze nje.”
USenatla, owadlalela iqembu lesizwe leSevens imidlalo engaphezu kuka-200, uthe yize ehlangabezane nobunzima ngesikhathi esalulama kodwa kuyamjabulisa ukuthi akusekude abuyele ekwenzeni into ayithandayo.
"Lesi bekuyisikhathi esinzima kunazo zonke engike ngadlula kuzona empilweni yami njengomdlali wombhoxo. Bekunzima kakhulu. Bekumele ngijule futhi ngilwe. Sekusele kancane ukuthi sifike ekugcineni kwalolu hambo futhi angisakwazi ukulinda,” kusho yena.
"Ngisakholwa ukuthi maningi amandla engisenawo ngaphakathi kimina. Kusekuningi engingakwenzanga ngakho-ke nginesifiso sokubuya nomfutho. Ngeke ngilibeke ngembaba manje elokuthi ngizobuya nini ngoba ngiyafuna ukuthi kube khona lokho kulangazelela kubalandeli.”
USenatla wazalelwa eWelkom, eFree State, wazimisela kakhulu ngombhoxo esefunda eRiebeeckstad High School.
Ngo-2012 waqala ukufunda eCentral University of Technology eBloemfontein lapho adlalela khona iqembu lesikole, iCUT Ixias, nakwiVarsity Shield.
Uthathe amehlo abaqoki bamaBlitzbokke ngo-2013, wadlala okokuqala kuleli qembu lesizwe emqhudelwaneni iWellington Sevens.
Wayeyingxenye yeqembu lamaBlitzbokke elabuya nezindondo zethusi kuma-Olympic ayeseRio, eBrazil, ngo-2016.