AMAPHUZU agcine ebhalwe ebhodini ngeke awafihle amaphutha enziwe amaBhokobhoko ngesikhathi enqoba iScotland ngo 32-15 emdlalweni wokuvula uhambo lwaphesheya, ngokusho kobehola leli qembu enkundleni, u-Eben Etzebeth.
Elakuleli lishaye ama-try amane kulo mdlalo obuseMurrayfield, e-Edinburgh, amabili awo aqhamuke kuMakazole Mapimpi. Elasekhaya liphendule ngamaphenathi abekwe phakathi nguFinn Russell ngonyawo.
U-Etzebeth uthe kusazomele bahlaziye ukuthi kungani kuthathe isikhathi ukuthi bayigobe iScotland ebilokhu ilandela eduze kulo mdlalo ngaphambi kokuthi amaBhokobhoko alinwebe igebe umdlalo usuyophela.
“Ngishilo ngaphambi komdlalo ukuthi iScotland yiqembu elisezingeni eliphezulu. Mhlawumbe umphumela wenza kubukeke sengathi besingaphezu kwabo kakhulu ngomdlalo kodwa okusemqoka wukuthi sidlalile kahle. Siyazi ukuthi izinto ngeke zisihambele kahle ngaso sonke isikhathi kule midlalo enzima,” kusho u-Etzebeth.
“Besingekho ezingeni lethu kodwa silwile saze sagcina sinqobe ngale ndlela. Silindele lukhulu kithina, yinto eqhamuka kithina badlali, abaqeqeshi nabaphathi. Sifuna ukuqhubeka nokwenza kahle futhi siyazi njalo ukuthi uzoba khona umdlalo esingaziqhenyi ngawo ngokuphelele.
“Kunezinto esingajabule ngazo, enginesiqiniseko sokuthi abaqeqeshi bazosikhombisa zona. Akhona amagama ahlabayo azokhulunywa kodwa futhi akhona namahle. Kuyadingeka lokho uma nifuna ukuzigcina ezingeni eliphezulu.”
AmaBhokobhoko asezodlala ne-England eTwickenham Stadium, eLondon, ngoMgqibelo ngo-5 ntambama. Azobe esesonga lolu hambo nonyaka ngokugadulisana neWales eCardiff ngoNovemba 23.
Khonamanjalo, umqeqeshi weqembu labesifazane leSevens, uRenfred Dazel, ubona lizoyivula lizethemba isizini ka-2025 yeWorld Rugby Challenger Series kulandela ukuvikela isicoco se-Africa Women’s Sevens Cup e-Accra, eGhana, ngempelasonto.
IMbokodo izidlulele kalula kwemithathu yamaqoqo ibhubhudla iBurkina Faso, Zimbabwe neTunisia. Kuma-quarterfinal ixebule iSenegal ngo 50-0, yazigwazela ibhece kowandulela owamanqamu, idla iMadagascar ngo 42-0, ngaphambi kokuguqisa iKenya ngo 19-10 kowamanqamu.
“Besidinga ukwenza kahle lapha ukuze sizibekisele indawo kwiChallenger Series, sakufeza lokho. Sesibheke ukusebenzisa lokhu njengesisekelo esizokwakhela kusona.
“Iqembu lethu lizoshintsha njengoba sinabadlali abayingxenye yeqembu elikhulu lamaBhokobhoko abazobe belungiselela iNdebe yoMhlaba. Sithemba ukuthi imiqhudelwano efana nalo izobaqinisa ukhakhayi abadlali bethu abasebancane,” kusho uDazel.