UNCOME abadlali bakhe ngokwamukela ushintsho umqeqeshi wamaBhokobhoko, uRassie Erasmus.
U-Erasmus uthe kuyamthokozisa ukuthi abadlali bakhe abazange babe nankinga ukwazi ukuthi kuzomele asebenzise inqwaba yabadlali kule sizini njengoba eseqalile amalungiselelo eNdebe yoMhlaba ka-2027.
Leli qembu lesizwe lebhola lombhoxo lakuleli liqede uhambo lwaphesheya kwezilwandle ngokuguqisa iWales ngo 45-12 eMillenium Stadium, eCardiff ngoMgqibelo ebusuku.
Ngaphambi kwalokho beliqumbe phansi iScotland ngo 32-15 ne-England ngo 29-20. Bekungokokuqala amaBhokobhoko enqoba yonke imidlalo yohambo lwaphesheya lokuvala unyaka kusukela ngo-2013.
Kulo nyaka amaBhokobhoko asebenzise abadlali abangu-52 enqoba imidlalo engu-11 kwengu-13 ayidlalile. Ashaywe yi-Ireland ne-Argentina kodwa ahlulwa ngephuzu elilodwa kuyona yomibili leyo midlalo.
“Sishintshe abaqeqeshi ababili, obhekene nokuhlasela novimbayo ekupheleni kweNdebe yoMhlaba. Abadlali basheshe bakujwayela lokho futhi labo baqeqeshi bangene khaxa eqenjini lethu. Sigculisekile ngendlela esinqobe ngayo lo mdlalo wokugcina nangonyaka usuwonke,” kusho u-Erasmus.
“Kumele sibashayele ihlombe abadlali ngoba bekumele bakwamukele ukuthi sizolishintshashintsha iqembu. Sibe nabadlali abangu-60 emakhempini ethu, sasebenzisa abangu-52, le mpumelelo ingeyabo bonke.”
U-Erasmus uncome ukaputeni uSiya Kolisi nabo bonke abadlali abanesipiliyoni eqenjini ngokuqinisekisa ukuthi iqembu lihlala libumbene futhi lithola imiphumela emihle unyaka wonke.
“Sike salahlekelwa wumfutho wethu kodwa uSiya nabo bonke abanye abahole iqembu baligcine libumbene iqembu. Ngicabanga ukuthi bekubaluleke kakhulu lokho,” kusho u-Erasmus.
“Bengingenaso isiqiniseko sokuthi abadlali asebekhulile bazoqonda ukuthi bazokwazi ukudlala isikhathi eside uma bengayidlali yonke imidlalo. Sikucacisile zibekwa ukuthi labo abangazimisele ukwamukela lokhu ngeke babe yingxenye yaleli qembu.”
Abadlali bamaBhokobhoko sebezobuyela emaqenjini abo. Bayoze babuyele kwelesizwe uma seliqala amalungiselelo esizini entsha ngonyaka ozayo.