SEKUNGABA ubudedengu beKaizer Chiefs kuphela obungenza iphunyukwe yingqayizivele yethuba lesicoco sokuqala seDStv Diski Challenge (DDC) eliphambi kwayo kulandela ukuzibambela yona iStellenbosch FC emdlalweni obudle ngezigemegeme ngempelasonto edlule.
Amakhosi eze kulo mdlalo obuse-Idas Valley eStellenbosch ngoMgqibelo ngaphandle kwenhloko yabaqeqeshi uVeli Khumalo nomshini wamagoli uNeo Bohloko yingakho bekuhleli uDillon Sheppard ebhentshini.
Uphele kungu 1-1 kulandela ubuqhawe boNaledi Hlongwane ovule inkundla ngegoli esiwombeni sokuqala ngaphambi kokuthi alinganise uQuwaan Platjies kwesesibili.
Ubumqoka umphumela walo mdlalo ophele womabili amaqembu engasaphelele ngemuva kokukhishwa ngekhadi elibomvu koSiyabonga Gumede weChiefs noTony Mbunga weStellies ngokwahlukana.
Kulele kwiChiefs ngesicoco njengoba lo mphumela uyibeka eqhulwini kwi-log lapho ingcono khona ngephuzu kwiStellenbosch.
Okuhle ngalokhu ukuthi Amakhosi asele kompetha bangesizini edlule (iStellies) ngomdlalo owodwa.
Njengoba imidlalo iya ngokuphela, okusalele iChiefs ukuqinisekisa ukuthi inqoba imidlalo yayo okuzolandelwa isicoco sayo sokuqala seDDC kusukela yasungulwa eminyakeni engaphezulu kwengu-10 edlule.
“Isimo esikusona nethuba eliphambi kwethu siyalibona yingakho sizokwenza konke okusemandleni ukuthi asilidedeli,” kusho uGopolang Taunyane ongene ngoba kuchitshiyelwa ngoba sekuvele ikhadi elibomvu.
“Akusho lutho ukuthi yiliphi izinga kodwa ukudlalela iChiefs kukunika okungaphezulu kwalokhu okuthola kwamanye amaqembu.
“Okumqoka kule midlalo esele ukuthi wonke umdlali oboshelwa esikimini akhiphe konke anakho ukuqinisekisa ukuthi iChiefs ayiphuthwa yileli thuba eliphambi kwayo,” kusho uTaunyane.
Isiyonke imiphumela yeDDC ihambe kanje:
Stellenbosch FC 1-1 Kaizer Chiefs; Orlando Pirates 2-2 Cape Town City; Chippa United 3-2 AmaZulu FC; Golden Arrows 0-0 Marumo Gallants; Richards Bay 1-0 Magesi FC; SuperSport United 3-3 TS Galaxy; Mamelodi Sundowns 1-0 Polokwane City.