YIZE ezakhe zingakwazanga ukuthola igoli emdlalweni womlenze wokuqala weCaf Champions League kodwa umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uMiguel Cardoso, unethemba lokuthi ezakhe zizokwazi ukuqedela umsebenzi kowomlenze wesibili ngoLwesihlanu, e-Egypt.
ISundowns ihlulekile ukushaya igoli idlalela ekhaya emdlalweni womlenza wokuqala wowandulela owamanqamu eCaf Champions League ibambana ngo 0-0 ngoMgqibelo, eLoftus Versfeld Stadium, ePitoli.
Ukwehluleka kwayo ukuthola igoli kulo mdlalo womlenze wokuqala wasekhaya kusho inselelo yokukhipha amangwevu kuleli qembu lasePitoli, kowomlenze wesibili ozodlalelwa eCairo International Stadium, eCairo, e-Egypt ngoLwesihlanu ngo-6 ntambama.
Elizonqoba lizodlala owamanqamu nelizonqoba phakathi kwe-Orlando Pirates nePyramids yakhona e-Egypt, ozodlalwa ngawo uLwesihlanu ngo-8 ebusuku, e-30 June Stadium, khona eCairo.
“Ngisakholwa wukuthi singayihlula i-Al Ahly ngoba ayisihlulanga emdlalweni womlenze wokuqala.
"Sizoya silindele umdlalo owehlukile kunesiwudlalile womlenze wokuqala. Noma ngubani odlulayo phakathi kwethu ne-Al Ahly, omunye akezukujabula.
"Kodwa noma yiliphi iqembu elizonqoba kuzobe kuyiqembu eliqinile ngoba mabili amaqembu aphambil e-Afrika,” kusho uCardoso.
“Ngicabanga ukuthi sizokwazi ukumelana nesimo somdlalo esiyowudlala njengoba sikwazile ukumelana nezimo ezahlukene eTunisia.”
ISundowns ifinyelele kowandulela owamanqamu eChampions League ngokuguqisa i-Esperance yaseTunisia ngo 1-0 kuma-quarterfinal uma sekuhlanganiswe imidlalo yemilenze yomibili.
UCardoso okhalile ngokungaphumi ngobuningi kwabalandeli bamaSandawane ukuzokweseka leli qembu eLoftus emdlalweni womlenze wokuqala, ukuqonda kahle ukuthi ukuyobhekana ne-Al Ahly kowomlenze wesibili eCairo akuzukuba lula neze ngenxa yabalandeli baleli qembu abaziwawo ngokuphuma ngobuningi ukuzokweseka leli qembu emidlalweni yalo yasekhaya.
“Kunzima ukudlala emidlalweni enjengalena (yeChampions League) ngoba yiyona midlalo ehamba phambili e-Afrika.
"Ngakho ukuba nabalandeli abaningi emdlalweni wethu womlenze wokuqala ne-Al Ahly, bekuzosinika umfutho.
"Ukuphumelela emidlalweni enjengalena udinga wonke umuntu. Lapha ngikhuluma ngabadlali, ithimba labaqeqeshi nabalandeli.
Nokho ngiyakholwa wukuthi sizokwazi ukumelana nengcindezi yabalandeli eCairo, enkundleni enkulu (emumatha abalandeli abangu-80 000) efana ncamashi neyaseTunisia. Abadlali bami banamava, sizokwenza konke okusemandleni ukunqoba eCairo,” kuqhuba uCardoso.
Lo mqeqeshi odabuka ePortugal nobehola i-Esperance yaseTunisia ngesizini edlule ifinyelela kowamanqamu eChampions League, kubhekwe amaqhinga akhe kulo mdlalo wangoLwesihlanu ukugoba leli qembu lase-Egypt eselidle isicoco seChampions League amahlandla angu-12.