UNENKOLELO yokuthi izidalwa zikanobhutshuzwayo zibheke ngakubona umdlali osemnkantshubomvu kwiLamontville Golden Arrows, uMusa Bilankulu owayekhona eqenjini eladla isicoco salo sokuqala nokuyisona sodwa.
Abafana Bes’thende bamatasa namalungiselelo omdlalo owandulela owamanqamu weNedbank Cup abazokwamukela kuwo iTS Galaxy ngoMgqibelo ngo-3 ntambama eSugar Ray Xulu Stadium, eClermont.
UBilankulu, okuwuye yedwa osesele esikwatini esidle iMTN 8 ngo-2009 noSiyanda Zwane, ukholelwa wukuthi zonke izinto zenzeka ngendlela abebevele befisa ngayo njengoba benethuba lokudlalela ekhaya kowandulela owamanqamu nowamanqamu uma bedlula kwiGalaxy edlala kwiNFD.
NgokukaBilanyoni unyaka ogcina ngo-9 ungowenhlanhla kubona ngakhoke nalo (2019) bayakholwa wukuthi uzoba owabo ngoba izidalwa zebhola seziqalile ukubasondeza ekhaya.
“Wonke umuntu okhona ekhempini ujabulile ngokuthi sinemidlalo yasekhaya emibili uma konke kuhamba ngendlela esifisa ngayo sonke. Sinengcindezi yokuthi sithwele wonke amathemba esifundazwe (KZN). Uma uzokhumbula sidlale kwaze kwaba kathathu ekuhambeni kwiNedbank. Izinto zivuna thina. Mhlawumbe izidalwa zikanobhutshuzwayo zibheke ngakithi kulokhu.
“Konke kulele kithina ukuthi sikwenza kanjani ukuthi lokhu kuphumelele. Ngikholwa wukuthi unyaka wethu lo ngoba nango-2009 ngangikhona kanti nomuzwa okhona ekhempini uthi awufane. Kuyacaca manje ukuthi siyingozi kumbe izinto zethu ziyalunga onyakeni ogcina ngenombolo * -9. Akekho ongazi ekhempini ukuthi uma sinqoba imidlalo emibili miningi kangakanani iminyango ezovuleka ikakhulukazi kubafana abancane ngokweminyaka.”
Ubona ingqayizivele yethuba kubadlali abasebancane ukuthi baziveze bezwe nomuzwa ohlale njalo uzwiwa yi-Orlando Pirates neMamelodi Sundowns (wokudlala e-Afrika).
“Iqembu lethu libunjwe ngabadlali abasebancane ngakho ukunqoba kwethu iNedbank kuzobe kusho ukuthi sizoya kodlala kwiCAF Confederation Cup. Lokhu kungabakhulisa ngesikhulu isivinini ebholeni ngoba bayazi ukuthi ontanga yabo abadlalela iPirates neSundowns babukeka sengathi bangcono kunabo kanti akunjalo wukuthi nje bona sebedlale ezindaweni eziningi ezehlukene e-Afrika, bakhula.”
Mayelana neGalaxy, uBilankulu ukholwa wukuthi konke kusezingqondweni zabo. Ngokusho kwakhe bahlele ukuqinisa sengathi babhekene neqembu elidlala esigabeni esikhulu.
Ngeke adlale uDanny Phiri ngenxa yesigwebo samakhadi. NoDevine Lunga kubanjwe umoya ngaye noLerato Lamola njengoba bebeziqeqesha ngabodwana eceleni.