UMQEQESHI weKaizer Chiefs, u-Arthur Zwane, uchithe amahlebezi okuthi ukaputeni waleli qembu, u-Itumeleng Khune, useqalile ulungiselelwa isikhundla ebhentshini kodwa hhayi njengomdlali.
UZwane lokhu ukutshele abezindaba ngempelasonto kulandela ukufaka kwakhe Amakhosi kowandulela owamanqamu weNedbank Cup okokuqala kusukela ngo-2019.
IChiefs yenze lokhu ngokuguqisa iRoyal AM ngo 2-1 esikhathini esengeziwe emdlalweni obuseChatsworth Stadium.
Lo mqeqeshi ubuzwe ngekusasa likaKhune okuqaphelekile kulo mdlalo ukuthi nakuba ebesebhentshini, isikhathi esiningi ubemi ngezinyawo enika abasenkundleni imiyalelo.
Ngaphandle kokusabala kwezithombe zikaKhune esemakilasini ahlukene ezifundo zokuqeqesha, nalezi ezicija abadlali ngolwazi abazoludinga uma sebewabeke emgibeni amakhokho, lo nozinti ongaconsi phansi kubalandeli uselizwa ngendaba ijezi okufakazelwa ukuthi kule sizini, usavimbe imidlalo engu-11.
UBrendon Petersen usephenduke unozinti wokuqina weChiefs ngaphansi kobuholi bukaZwane.
UKhune (35) ugcine ukubonakala enkundleni ngoJanuwari iChiefs ishaywa iMamelodi Sundowns. Usebe sebhentshini amahlandla ayisishiyagalolunye kusukela lapho. Inkontileka anayo iyaphela ekupheleni kwale sizini.
UZwane ukuchithile nokho ukuthi uKhune uselungiselwa isikhundla ebhentshini kepha usengomunye wabadlali bakhe abamqoka.
“Okwenza uKhune angadlali umbango wejezi kuphela okuyinto esiphila ngayo kwiChiefs kodwa sisambuka njengomunye wonozinti bethu abamqoka,” kusho uZwane.
“Uma kungenzeka okuthile kuBrendon (Petersen), silindele ukuthi uKhune angene kuleso sikhala noma uBruce (Bvuma) kodwa okumqoka ukucacisa ukuthi usewumdlali futhi esisabheke lukhulu kuyena.
“Uma umbango wejezi ushisa phansi njengakwiChiefs, kujwayelekile vele ukuthi kuvele amahlebezi ngalaba abasuke bengadlali.
“Ngaphandle kwalokho sinabadlali abaningi abanezinkinga ezahlukene kodwa okucacayo ngabo ukuthi basadinga isikhathi ukuze babuyele ngokugcwele emgqeni.
“Abadlali abanjalo ngeke sibaphonse emphandwini wamabhubesi. Asilona iqembu elikholelwa ekutheni umdlali kufanele ashaye udaka ukuze ezozibona yena ukuthi akakabi qatha ngokwanele.
“Sifuna abadlali bethu bahlale besesimeni ngaso sonke isikhathi kodwa okumqoka kakhulu, ukuthi naye (umdlali) kufanele azizwe ukuthi uyilungele imidlalo,” kuphetha lo mqeqeshi.
Ngaphandle kukaKhune, u-Eric Mathoho, Sifiso Hlanti, Khama Billiat, noPhatshutshedzo Nange bakwabaphelelwa izinkontileka neChiefs ezinyangeni ezimbili.