UKAPUTENI weBafana Bafana, uRonwen Williams, obedlalela izwe lakhe okwehlandla lika-50 libhekene neSouth Sudan, ufisa ukuthi abadlali abancane bayisebenzise njengomjovo ozobakhuthaza indlela yakhe kuleli qembu lesizwe ukuzikhumbuza ngaso sonke isikhathi ukuthi konke kuyenzeka empilweni.
Umdlalo ka-50 kaWilliams kwiBafana ubuqondene nokuthi bebesonga u-Group K osekungumlando ukuthi leli qembu likaHugo Broos liye kuwona selivele lizibekisele indawo kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) ezobanjelwa eMorocco ngonyaka ozayo.
IBafana inqobe ngo 3-0 kwiSouth Sudan ngoLwesibili e-DHL Stadium eKapa.
Akazange awuqede umdlalo wakhe ka-50 uWilliams kodwa ngeke futhi kwethuse uma kugcina kuvela ukuthi uzicelele ukukhishwa ukuze kuzovela ithuba lokuthi uSage Stephens azwiswe umdlalo okokuqala eqenjini lesizwe.
Kusukela uWilliams abhajadiswa yiBrazil ngo 5-0 ngo-2014 emdlalweni wakhe wokuqala, lo mdlali waseGqeberha usephenduke omunye wabaholi baleli qembu lesizwe abayizithandwa zabalandeli.
UWilliams usanda kulala endaweni yesishiyagalombili konozinti abahamba phambili emhlabeni kulandela ukuqokelwa emunxeni owaziwa ngeYashin Trophy kumaBallon d’Or awards ngemuva kokugila izimanga esiza iBafana iqeda endaweni yesithathu kwi-Afcon ebise-Ivory Coast ekuqaleni konyaka.
“Ngizishaya isifuba ngohambo lwami nakho konke esengikuzuzile kwiBafana nasempilweni yami,” kusho uWilliams kwabezindaba eKapa.
“Ngaphandle komndeni wami, ngabe angikho kuleli zinga engikulona ngakho-ke ngiyababonga. Ngifisa ibe usizo kwabanye indaba yami yokubingelelwa uNeymar waseBrazil ngamagoli amathathu kowami wokuqala.
“Asikho isizathu sokuzibukela phansi ngenxa yendlela izinto zakho ezibukeka ngayo njengamanje kepha ukhiye ulele ekufakeni ikhanda phansi usebenze.
“Ngiyalishumayela leli vangeli ngoba nami ngisizwe yilokho ngakho-ke kusemqoka kubadlali ikakhulukazi abasebancane ngokweminyaka ukuthi bafunde endabeni yami,” kusho yena.
Ukujabulele ukuthi iBafana izibekisele indawo kwi-Afcon ngendlela encomekayo kodwa uchazwa wukukhula kwesibalo sonozinti.
“Kuyabusisa ukuthi ngo-2024 iBafana isebenzise onozinti abahlanu abahlukene okuyizinkomba zokukhula kweqembu kule ndawo.
“Ijezi akulona elami ngedwa kepha elethu sonke ngakho-ke ngijabule ukuthi silokhu siya ngokuya sikhula isibalo sonozinti iBafana engabheka kubona,” kusho uWilliams.
Lo nozinti uqokelwe kwemibili yokuklomelisa abenze kahle ebholeni lase-Afrika ngoDisemba 16. Uqokwe kwesomdlali ovelele wase-Afrika nesikanozinti ovelele kwizwekazi.