UMQEQESHI we-Orlando Pirates, uJose Riveiro, iyamudla eyokuhamba kwesikhathi bengabonakali esikimini esikhulu abadlali, okunguMbekezeli Mbokazi, noJabulani Mokone abagqame kwiDStv Diski Challenge (DDC).
Lo mqeqeshi waseSpain, ukusho lokhu ngemva kwenye ingcwenga yebhola edlalwe nguMbokazi, noMokone ngesikhathi beseqenjini leCarling All Stars eliguqise iMagesi FC ngo 3-0 emdlalweni weCarling Black Label Cup ngempelasonto edlule, eSoweto.
URiveiro ozobuyela kwiBetway Premiership namuhla, ngokwamukela iMarumo Gallants ngo-3 ntambama, e-Orlando Stadium, uthe uyazi ukuthi izitobha zombili sezikulungele ukukhushulelwa esikimini esikhulu kodwa akulula.
UMbokazi (19), noMokone (18) bawukhiye odongweni lwasemuva lwePirates kwiDDC, eqeqeshwa nguJoseph Makhanya. Lokhu kwenza abaningi babone izitobha sezikulungele ukukhuphukela esikimini esikhulu.
Ngendlela uMbokazi waseHluhluwe, agqame ngayo kwiDDC yePirates, uqokelwe eqenjini lesizwe labafana abaneminyaka engaphansi kwengu-20 elizibekisele indawo kwi-U/20 Africa Cup of Nations (Afcon) ezoba ngonyaka ozayo. Emuva kwalo mqhudelwano, uMakhanya uveze ukuthi isitobha sikhushulelwe esikimini esikhulu sePirates futhi ngeke sisabonakala kakhulu kwiDDC.
Ngesikhathi ekhuluma nabezindaba uRiveiro uthe, ayimhleli kahle indaba yalaba badlali, wazama ukuchaza izizathu zakhe zokungabaniki ithuba esikimini esikhulu.
“Kusemqoka ukukhuphula abafana abancane abenza kahle kodwa lokhu akuyona into okulula ukuyenza ngenxa yezizathu eziningi ezahlukene,” kusho uRiveiro.
“Inkinga yokuqala wukuthi esikimini esikhulu kukhona izinkakha zakhona osekunesikhathi ziwenza ngendlela egculisayo umsebenzi odingeka kuzona. Kuhle ukukhuphula abadlali kodwa kufanele kube ngokunenhloso.
“Okuhle wukuthi kunabadlali abanjengoRelebohile (Mofokeng), Mohau (Nkota), Thabiso (Monyane) nabanye okufanele babukele kubona bafunde nokuthi kusho ukuthini ukulinda ithuba lakho.
“Ngifisa baqhubeke nokusebenza ngokuzikhandla bese belinda ithuba labo ngoba lizovela noma yikanjani. Angazi ukuthi nini kodwa okusemqoka ukuthi uma leli thuba lifika, kufanele libafice belilungele ngokwanele,” kusho uRiveiro.
IPirates esiyagudluka esicongweni kwiBetway Premiership, izokwamukela iMarumo namuhla bese unyaka iwuvala ngomunye wasekhaya neMagesi ngoDisemba 29.