NAKUBA uNasreddine Nabi ongumqeqeshi weKaizer Chiefs ebamukele ububanzi begebe phakathi kwabo neMamelodi Sundowns ngesikhathi ibafaka uswazi kwiCarling Knockout, uthe ubengeke ayishintshe indlela afuna iqembu lakhe lidlale ngayo ngoba akalona ivaka.
Lokhu kushiwo uyena lo mqeqeshi ngemuva komdlalo kwabezindaba abebemvalela ekhoneni ngokuthi akaboni yini ukuthi imizamo yakhe yokumelana neSundowns ibe nomthelela ekutheni balotsholwe ngo 4-0 kulo mdlalo wama-quarterfinal obuseFNB Stadium ebigcwele.
Ngokwemibuzo esithangamini nabezindaba, bekucaca ukuthi kunomuzwa wokuthi iChiefs ibingenza kangcono ukube ishintshe indlela yokudlala ngoba ibivele ingeke ibenabo abadlali abanele ukumelana nakho konke obekwenziwa iSundowns.
IChiefs ikhishwe yiSundowns kwiCarling obekungenye yezinkomishi obekubhekwe lukhulu kuyona kuNabi kwazise walandelwa ukuzoqeda indlala yezinkomishi esaqhubeka kuMakhosi.
UNabi uzwakale ekwamukele ukuthi kusenebanga phakathi kwabo neSundowns kodwa ubemile ekutheni lokhu bekungeke kumjike endleleni afuna iChiefs idlale ngayo.
“Kukhombisa izimpawu zobuvaka ukushintsha indlela yokudlala ngoba uhlonipha isitha ngakho-ke angilona lolo hlobo lomqeqeshi,” kusho uNabi ngomlomo katolika.
“Angisoze ngayishintsha indlela yokudlala engifuna ukuyifaka ezingqondweni zabadlali beChiefs ngisho ngabe sibhekene nasiphi isitha.
“Ngiyakwamukela ukuthi sihlulwe iqembu elingcono kunathi ngokuningi kodwa futhi ngiyakholelwa ekutheni uma singagwema amaphutha esiwenzile singamelena neSundowns, sidlale ngale ndlela engifuna sidlale ngayo.
“Lo mphumela ngiwufanisa nokuqhuzuka okufanele sikusebenzise njengesifundo sobumqoka bokwenza kangcono uma sibhekene neqembu elifana neSundowns.
“Okuningi esihlale sikwenza kalula akuzange kuvume kulo mdlalo okuyinto eyenzekayo kodwa nekhadi elibomvu likwenze kwaba lukhuni satshe ukubuya emdlalweni.
“Kusiphoxile ukushaywa ngale ndlela kodwa akufanele sidikibale kakhulu kepha kufanele sibuyele ekhaya siyohluza umqondo ngokuthi singasibuyisa kanjani isithunzi sethu.
“Kusemqoka ukuphinda sixolise kubalandeli ngale mpoxo yomphumela. Ngibethembisa okungcono ngokuzayo,” kusho uNabi sakushweleza.
IChiefs iqede umdlalo ingasaphelele kulandela ukukhishwa ngekhadi elibomvu kuka-Inacio Miguel, umdlalo usanda kubuya ekhefini.